Izithakazelo zakwa Mdima Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Shange!Dumakude!Mdima!Bhalaza,Maqonga,Nojobo,Phangandawo uSbambo kuyephuka njengeNgonyama,Dangaza, Mdunge njengesele,Dangabane elehlula abahlakuli,Omathanga abushelelezi angenangqwayimane, Ubhodla bakhothe umlomo abafokazane ,Yamela kaPhangandawo, Omancishana kancane abanye bencishana kakhulu,Sondlovu!Abageza ngensipho kaPondwe.

Izithakazelo zakwa Shange Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Dumakude, Mdima, S’bhodla bakhothe umlomo abafokazane, Mfazi omabelemade, Oncelisa ingane ingaphesheya komfula, Wena ogeza ngensipho kapondo, Mathanga abushelelezi angenangqwayimane, Phangandawo, Nojoma, Owaduma ngomlenze abanye beduma ngensonyama!