Umlando wakwa Mkhize

AbakwaMkhize ngabaseMbo

Abantu bakwaMkhize kuthiwa ngabaseMbo ngoba beqhamuka kuMumbo. Futhi bengaBaMbo Nguni. Nabo futhi bayazalana noDlamini baseMbo kanye noNdwandwe. Kuthathe eside isikhathi ukuba babhajadiswe ngesibongo sakwaMkhize, sonke lesi sikhathi bebaziwa ngokuthi ngabaseMbo.

Imvelaphi yesibongo sakwaMkhize

Abantu bakwaMkhize kuthiwa kwathi uma behlukana nabanye bona batholwa ngaMaputukezi eTalagubhe. Kuthe emva kwalokho basuka bagudla ulwandle ngaseMpumalanga, behla njalo bebheke ngaseNingizimu, baze bafika eChwebeni (St Lucia Bay). Njengabantu abafuye kakhulu babethanda ukuthi imfuyo yabo iklabe lapho kunamazolo khona. Kodwa amazolo ayezotholakala kanjani eduze nolwandle? Kwaba kubantu baseMbo ukuthi bafune indawo engcono. Ngakho bahambela ezindaweni eziphakeme ezihlala zinemikhizo njalo. Kuthiwa bahamba njalo baze bayofika ezintabeni zaseQhudeni. Ngenxa yokuthi laba bantu babehamba ezindaweni ezinemikhizo, kwase kuthiwa ngabakwaMkhize.

UMavovo kaGubhela

Bafika laphaya eQhudeni sebeke bazinza emahlathini aseNgome. Laphaya eQhudeni bakha kusuka ehlathini laseQhudeni kuze kuyofika emfuleni iNsuze, kanti ngaseNtshonalanga bavinjwa uThukela, kwathi ngaseNyakatho bavinjwa nguMzinyathi. Inhloko yabo ngaleso sikhathi kwakunguMavovo indodana kaGubhela. Izizwe ababakhelane nazo ngezaseBathenjini, kanye naMachunu.

UZihlandlo noShaka nabelungu noDingane

Kwathi ngesikhathi kubusa uShaka kwaZulu, kwaMkhize kwakubusa uZihlandlo indodana kaGcwabe. Kwathi ukuba uZihlandlo abone omakhelwane bakhe abanamandla kakhulu kunaye bebhuqwabhuqwa nguShaka beze banyamalala phambi kwakhe, uZinhlandlo wenza ubuhlakani bokuphephisa isizwe sakwaMkhize olakeni lukaShaka ngokuba ayozikhonzela kuye, wazakhela obukhulu ubuhlobo, okwaze kwadlula iLembe bengabangani. Kuthiwa uZihlandlo wayeyivakashela njalo inkosi yakhe uShaka, esuka emzini wakhe kwaNyakenye ngaphesheya koThukela. Kuthiwa nguyena muntu wokuqala owabona umuntu omhlophe, umlungu ogama lakhe kwakungu-Issacs. Wamthatha  u-Isaacs wamusa emzini wakhe. Akakhohlwangwa u-Isaacs emibikweni yakhe ukubalula ukulunga nokuhlonipha kwabantu bakwaMkhize nenkosi yabo. Kuthiwa ngendlela uShaka ayemthanda ngayo, kwaze kwambangela isigcwagcwa uZihlandlo kubafowabo bakaShaka nasezinduneni zakhe. Yingakho uDingane wathi uma ethatha ubukhosi wazama ngayo yonke indlela ukuba asuse phambi kwakhe bonke ababeyizihlobo nabangani bakaShaka. Omunye owayesohlwini lukaDingane lokususwa kwakunguZihlandlo wakwaMkhize owayakhe umuzi wakhe eQhudeni obizwa ngokuthi kukwaDimane.

Ukufa kukaZihlandlo

Kuthiwa uDingane wathumela abantu ukuba bayothi kuZihlandlo akalethe yena nabantu bakhe iminyaba yezintungo ukuba kuzokwakhiwa umuzi waseMgungundlovu. Ngenxa yokuthi abantu bakwaMkhize babakhe eduze nehlathi kabakushayanga mkhuba lokhu. Kodwa bengakazigawuli izintungo, kwafika izithunywa zikaDingane zilethe umyalezo oyimfihlo kuZihlandlo. Kwathi engazelele, bamgwaza ngomkhonto wafela khona lapho. Kubantu baseMbo akekho umuntu owaba nesihluku njengoDingane. Ngokubona lokhu kubulawa kukaZihlandlo, abantu baseMbo bathi zinyawo zami ngibelethe. Indodana kaZihlandlo, uSiyengela wayesemncane ekubeni angahola abantu bakwaMkhize, benjalo bebaleka. Ngakho uMsengi indodana kaSambela umfowabo kaZihlandlo, yena owayeseqinile, kwaba nguye owathwala umthwalo wokuhola abantu bakubo. Bathi wayehamba nemindeni engamakhulu amathathu kuya kwamane. Kwabuye kwatheleka abahlobo babo bakwaNdlovu ababeholwa nguMpongo indodana kaZingelwayo kaLamula, kaNgema, bahambisa bayofuna amadlelo aluhlaza. Kuthiwa bahamba baze bayofika phakathi komfula uMkhomazi kanye neLovu.

AbakwaMkhize endaweni yaseMbo

Base bekhathele ngakho-ke bahlala lapho, kuze kube namanje le ndawo isabizwa ngokuthi kuseMbo. Kwabusa uSiyengela ngoba uMsengi wayesewuqedile umsebenzi wakhe naye esezifunela amadlelo aluhlaza kwelingafelwa nkonyane. Yena(uMsengi) benoMpongo nethimba labo bahamba bayokwakha eMngeni, ngaseNhlazuka.

USiyengela wakha umuzi noma ngithi isigodlo sakhe wasibiza ngokuthi kusesiMahleni. Ekukhothameni kwakhe, kwabusa indodana yakhe uNgunezi owaganwa yinkosazana kaMswati indodana kaSobhuza wokuqala. Nizokhumbula ukuthi ngithe abaseMbo nabakwaNgwane(Dlamini waseMbo) bayazalana. Kodwa uNgunezi wabe esebuqeda ubuhlobo. Kule nkosazana yaseSwazini wazala uTilongo owamiswa ukuba abe yinkosi ngumbuso waseNatali ngoba kuthiwa wasizana noBhambatha wakwaZondi. Kukhona olunye uzalo lwakwaMkhize oluseMzinto eJolivet.

ULANGA
|
UNDLOZELA
|
USIDWEBA
|
UMDLADLA
|
UGUBHELA
MAVOVO
|_______________
| |
KHABAZELA MBANGI
_______________________|
| | |
SHABASE GCWABE MAGABHA
|
| ____________|
| |
BHAMBADA SAMBELA ZIHLANDLO NOTSHELA THOLE
| | | | |
NGANGEZWE MSENGI SIYENGELA MTHIMKHULU NOCANCA
| | | | |
MQOLOMBENI MUNYU NGUNEZI NJANA MAHAWULE
______|____ | |
| | | | |
MHLABANZIMA TILONGO Sikhukhukhu MABHUNU DABULAMANZI
| |
NKASA BANGIZWE

18 thoughts on “Umlando wakwa Mkhize”

  1. Mina ngingowaseMbo impela, uMkhize isibongo. Ngikhona laphaya ngaphesheya komfuka uMkhomazi ngokokuhlala nokuzalwa mawuyela ngakwaGqwathaza(Highflats/Ixopo), esigodini ekuthiwa kuSeMbo. Sikhonza kuyona inkosi yakithi ekuthiwa nguMoyeni. Kodwa-ke ukhona um’lando wokuthi akuyena okumele engabe uqhwakele esihlalweni, khona eMkhomazi eNhlazuka.

    Reply
  2. It’s interesting to read and to know about my Mkhize surname history… just to understand where do we come from… because I used to tell myself that we just came from Zululand soil… but I really love

    Reply
  3. uMumbo yingelosi eyadabuka emhlangeni igqoke isikhumba se ngonyama emabalabala kuleyandawo ebizwa ngokuthi Kush lapha ngako Gibhithe

    Reply
  4. Abakwa Mkhize njengoba sonke sazi ukuthi wonke ama Africa aqhamuka enkabazwe (Central Africa) ngokunjalo nathi bakwa Mkhize siqhamuka e DRC siyisizukulwane sikakhokho u Dlonzela ngokolimi lwakhona Zoyizera owagcina ngokudlula emhlabeni sekuqale ufuduko yingako uma ulandela uzothola ukuthi iliba noma idlinza lakhe litholakala eBurundi enzansi kwe DRC ngoba phela zonke izizwe zaBangoni zazifudukela ezansi ne Africa yingako izizwe zaBangoni zitholakala ezansi ne Africa

    Muzikayise Owen Mkhize

    Reply
  5. Umbali ngokuthi angasho lutho gegama elithi ESImahleni nangenkosi ephethe ekhona ukunamakhosi engaphezu Kuka 5 akhomba isigodlo esisodwa nesilo samabadla ungangezwelakhe evuma ukuthi kunesigodlo ESImahleni inzalo kamavovo . Sboniso mkhize esimahleni

    Reply
  6. Amampunge lawa ujobelele izizwe ezahlanganiswa ukubalekela ubukhosi noma akengithi umbuso ka Shaka waphambanisa ubudlelwane basEmbo noShaka mengikhumbula umlamdo esasiwuxoxelwa amakhehla sikhula elaMkhize lethiwa iLembe ngoba njalo nje melizo hlasela izulu lalikhiza kuze kuthambe amahawu ababe casha ngawo ngobake lalidume ngokukhalipha iLembe labona ukuba alimusondeze lomholi walobukhosi wabe eseba omunye wabaphambili bokubonisa yena uShaka ebuhlakanini bemfunyo nokulapha ikho Embo kusamile namanje ibona bukhosi bokuqala oba vunyiwa uzulu.

    Reply
  7. Ngicela ukubuza ukuthi ngubani umfowabo Zihlandlo omdala kunaye. Owatholwa intombi okwakungeyona intombi yasebukhosini, kwakungubani umfowabo omdala?

    Reply
  8. My understanding of the Mkhize history from the above piece, is that they all come from the Mbo clan. I read somewhere that the Mbo clan includes Dlamini, Ndlovu, Mkhize etc. They all originated from the MuMbo however with time they took different paths. They are not related to Dlamini and Ngwane. Ndwandwe and Ngwane are two different surname or groups. In addition, Mkhize also known as amaMbo are now not related to the Dlamini due to king Ngunezi.

    Reply
  9. ngunezi being married with Swazi woman.That chain being broken because they we relative but the son of sabhuza broke it.They being not relative to Dlamini and Ngwane

    Reply
  10. This is a very interesting history of my surname.
    Thank you.
    Where I would like to understand or get clarity. At first it is stated that Mkhize, Dlamini and abakwandwande are from the same family clan. But at the end it is stated even the Ngwane surname is also included…is the Ndwande and Ngwane the same??
    To sum it up which surnames are closely linked to the mkhize surname??
    It is also noted that one of the son’s destroyed that bond to some extent by marrying a swazi woman. How so? In what way was the chain broken? Does it mean the mkhize’s are no longer related with either of the other surnames…Dlamini, Ndwande or Ngwane? ?

    Reply
    • Yep kuzeakala kanjalo but quite interesting that this history came from where and its to close i don’t understand that no record where kept for such core clan surname history if there is where to find it

      Reply

Leave a Reply