Izitho zenkomo zihlukaniswa ngononina uma sekudliwa ngoba abesimame abadli ogqokweni olulodwa nabesilisa kanti futhi kukhona izitho abesilisa abangavumelekile ukuzidla, nabesimame ngokunjalo. Isibonelo, inhloko inyama yabesilisa kanti isifuba sona esesimame, umlenze wona owezintombi.
- Ubende – Lunamathela oswini ngaphakathi enkomeni. Luyisibeba nje esibanzi cishe luba ngangesandla uma inkomo isencane, kanti uma isikhulile luba lude. Ubende ke bekwaziwa ukuthi ludliwa ngabafana phambilini kepha manje seludliwa amakhehla kanye namadoda. Uma kuhlatshiwe ekhaya beluhanjiswa ediphini okuyilapho okukhishwa khona izinkomo amakhizane kepha sekwashintsha nalokho manje.
- Ubhedu – ubhedu lolu luduma kakhulu ebafaneni ngoba phela luyisicoco esithile kulona osuke eludlile. Ukuze umfana adle ubhedu kumele zikhale impela nje ngasendukwini ngoba phela abafana uma kuhlatshiwe kuyiwa nabo entabeni lapho abazoqhathwa khona bese kuthi inqwele yabo kube iyona edla ubhedu lolo. Ubhedu lwakhiwa ngenhliziyo yenkomo bese kufakwa namanoni ayo ukuze luzoba mnandi, lowo mfana obaqwaqwade emakhanda kuba nguye odla ubhedu, bese kuthi ophume isibili yena adle iphaphu kanti igwala lokugcina lona lidle iphaphu elimanzi elicwiliswe emanzini.
- Ilulu – Ithumbu elisikwa kwamancane, amhlophe ngasekugcineni, kanti ke ngokomthetho lidliwa indoda endala, uyise womnumnzane ohlabile kanti ligabe ngokuba lide.
- Untu – Isitho senkomo esiluthwethwesi okuyisona esimboze amathumbu esiswini. Untu lolu lubuye lubizwe ngokuthi umhlwehlwe obuye usetshenziswe uma kwemula intombazane ,iwugqoka uma isiyonisa esigcawini.
- Amathumbu – Ahlukanisa ngokuthi mangakanani ngokwesisindo njengoba kukhona amancane kanye nawo amakhulu, kanjalo namhlophe kanye nawo amnyama. Aphinde ahlukene ngokudliwa kwawo kanye nangendlela enziwa ngayo, njengoba kukhona ithumbu elisuke losiwe kanye neliphekwe.
- Umminzo – Lona ke nguqhoqhoqho osuka entanyeni uye ngaphakathi uze uhlangane nephaphu ngaphakathi. Uqhoqhoqho lona iwona inkomo eyehlisa ngawo utshani uma idla kanye namanzi esuke iwaphuza.
- Impundu – Isicubu esise sibindini senkomo njengoba ixhumana naso, kanti ke yona idliwa izalukwazi umuntu omusha akayidli nhlobo ngoba kuthiwa ibanga isifo sokukhohlwa.
- Umthala – Inyama eyisicubu eba samvinqo oswini. Le nyama ikhethelwa abadala ekhaya, kanti ke uma idliwa idliwa isipholile.
- Umtshazo – Uxhumene nopopopo, wona uze uphumele ngaphandle kanti udliwa ngobantu besimame. Umtshazo uyaqotshelwa nase bubendeni , udle ngobude obucishe bulingane nengalo , mhlophe nangokombala.
- Imvali – Inyama exhumene nosu lwenkomo. Iyisakana nje usoswini, kanti phakathi kukhona umswani othambile unamatshe phakathi. Le nyama ibizwa ngokuthi imvali ngoba idliwa umfana ovala esangweni lezinkomo ekhaya okanye owelusayo ekhaya. Elinye igama lemvali ingono.
- Umvimba – Umtshazo ofakwe amaqatha amanoni wavalwa waboshwa nxa zombili. Le nyama iyosiwa , idliwa ngabafana.
- Inanzi – Lenyama ixhumene netwani ngaphakathi, ingumbhobho omude. Le nyama iyona emumatha ubulongwe, idliwa abesimame.
- Ingwaqo – Ingwaqo yona ingenhla kwephaphu. Uma umuntu efuna ukuyikhipha uqala ngokunqamula iphaphu, elandele ngomminzo bese kuthi ngenhla ke kube ingwaqo. Le nyama iba intshontsho lomnikazi wenkomo ohlabile kanti ke imhlophe ngokombala bese iba ngangezandla ezimbili ezihlanganisiwe ububanzi bayo.
- Inhliziyo – Inhliziyo iseduze kakhulu nephaphu. Idliwa abafana entabeni njengoba kwenziwa ngayo inyama ebizwa ngokuthi ubhedu.
- Inyongo – Lesi ngesinye sezitho zenkomo esibaluleke kakhulu. Phela inyongo ayidliwa kepha uma kuhlatshwe inkomo noma imbuzi iyona ebekwa emsamo ngoba kunenkolelo yokuthi iyo nempepho exhumanisa abaphilayo nabaphansi. Kanti ke futhi igqokwa ezingalweni kanye nasezinyaweni iphinde ifakwe nasekhanda ikakhulukazi ezangomeni nakuloyo ohlabile. Okunye ngenyongo ukuthi akumele nhlobo iqhmumele okanye ichithekele enyameni uma ikhishwa ngoba leyonyama ivele ibabe okokugcina ngci! ingabe isadleka nhlobo. Inyongo ixhumene nesibindi kumele ikhishwe umuntu ongenalo idumbe khona engeke ayone.
- Iphaphu – lisesifubeni senkomo, nalo likhishwa kanye nenhliziyo . Limhlophe ngokombala kanti uma umuntu elibamba ngathi linomoya phakathi.
- Upopopo – Upopopo wona uxhumene nosinyaka ngaphakathi, bese kuthi ngase kugcineni kwawo uxhumane nomtshazo.
- Isibindi – Siseduze nephaphu kanti futhi sihambisana nenyongo, sidliwa abesilisa kanye nabesimame.
- Usinyaka – Le nyama isuswa oswini, usinyaka ithumbu elikhulu elidliwa isimame.
- Isinye – Isikhwama samanzi aphuma ezinsweni achithelwa ngaphandle, kahle kahle nje isinye siphethe umchamo.
- Isisu – Isisu sihlala amathumbu enkomo kanye nezinye izicubu zangaphakathi kanti ke sona sidliwa abantu besilisa.
- Usu – Lususwa ngaphakathi kade luxhumene nephaphu kanye nosinyaka. Ithumbu elikhulu elisongene laba inkatha lase liba sathawulana, kanti ke lona lidliwa ngabesimame.
- Itwani – Itwani inyama lena exhumene namathumbu yize lona lingelona ithumbu ngokwesakhiwo salo. Itwani liyinyama ehlangene okuthi uma isikwa phakathi kutholakale amagunjana agcwele ubulongwe phakathi,kanti ke liyagezwa ngaphambi kokuthi liphekwe, liyadleka noma lingaphekiwe.
- Uvalo – Ithanjana elincane elingenzansi kwesifuba elihamba kanye nesifuba.
- Izinhlonhlo – Lena inyama ebomvu eyisicubu,iphahle umgogodla ngaphakathi nxazombili isuswa esibindini. Le nyama idliwa omame.
- Iziphapha – Inyama esezinhlangothini evimbela ububende, kanti ke icotshelwa ebubendeni lapho inkomo isihlatshiwe.
- Izinso – Ziphahle umgogodla nje ngezansi kontu. Izinso zidliwa ngusokhaya.