Izitho zenkomo zangaphakathi
Izitho zenkomo zihlukaniswa ngononina uma sekudliwa ngoba abesimame abadli ogqokweni olulodwa nabesilisa kanti futhi kukhona izitho abesilisa abangavumelekile ukuzidla, nabesimame ngokunjalo. Isibonelo, inhloko inyama yabesilisa kanti isifuba sona esesimame, umlenze wona owezintombi. Ubende – Lunamathela oswini ngaphakathi enkomeni. Luyisibeba nje esibanzi cishe luba ngangesandla uma inkomo isencane, kanti uma isikhulile luba lude. Ubende ke bekwaziwa … Read more