Izimpahla zokudla nokudlela (Ingxenye yokuqala)

Nina beLemb’ eleq’ amanye amalembe ngokukhalipha! Nami ngicela ukuhlala ngesinqe esisodwa lapha esigcawini sokuloba ngike ngichathazele ngezakwaZulu nosikompilo lwakhona njengenhlaleyenza. Kulengosi siyidingidile eyokudla obekumaywa KwaZulu nanokuthi kuphekwa kanjani, kodwa ke sekungaba yiphutha uma sishiya ngaphandle izinto obekufakwa kuzo ukudla lokho noma izinto ebezisetshenziselwa ukukupheka. Nami ke ake ngibhule isihlangu sami sosiba ngigiye ngishiyele nabanye inkundla ngamagugu akithi KwaZulu. Lapha ke sizoqala ngezimpahla ezakhiwe ngokhuni (ezibaziwe)  kanye nezibunjwe ngobumba.

Izimpahla ezibazwe ngokhuni

  • Ugqoko lubazwa ngogodo lube nemilenze emine ukuze lukwazi ukuzimela lodwa lungawi lapho lubekwe phansi. Ugqoko ngelokufaka inyama ikakhulukazi uma kuhlatshiwe noma kuphakwa. Ezinye izingqoko zibizwa ngogwembe.
  • Ikhamazi wukhezo olukhulu lokukha amanzi, phela amabhakede lawa asekhona namhlanje angawesilungu, afika namaNgisi. Ikhamanzi lakhiwa ngokhuni njengalo ugqoko, lufana nenkezo.
  • Ukhezo olubaziwe ngelokumaya, lubuye lusetshenziswe uma kuphendulwa ukudla ebhodweni noma embizeni yokupheka. Namasi ke abanumnzane bawadla ngalo ukhezo uma bemaya. Emandulo ukhezo lomnumzane wekhaya lwaluuyahlonishwa lungathintwa nhlobo, izingane zidla ngezandla.
  • Umphatha yisitsha esibazwe ngokhuni okudlelwa kuso ukumaya ikakhulukazi amasi, kuphinde kufakwe kuso nokuphuzwayo njengamambawu . Umphatha uphinde wakhiwe ngoselwa kanye nodongwe.
  • Umphosanyoni wuphini okubondwa ngalo uma kuphekwa ekhaya.
  • Umgengqe yisitsha esikhulu okudlela kuso izingane. Besisetshenziswa kakhulu ngoba phela emandulo ibingekho lento yokudla kwehlukaniswe uma kudla izingane zandawonye. Bekuphakwa kuwo umgengqe lo! Zidibane phezulu zisine zizibethele izingane ngokudla, zidla ndawonye.
  • Imvokoqo wukhezo olwakhiwe lwaba nesinqe esikhulu sokuhlala, inhloso yalo wukuthi lukwazi ukumumatha kakhulu, luphinde lusetshenziswe ukuphaka.
  • Iphini kubondwa ngalo, lwakhiwa ngogodo olunesiqu esincane ngoba phela ngelokuphendula eziko uma kuphekiwe, bese luba yisixwebeledu ke ngaphambili.
  • Isengulo sisetshenziswa ukwengula umqombothi noma amahewu uma kunezinambuzane phakathi noma ukungcola okuthile.
  • Isigqulo siba sikhulu ngesiqu, ngesokugxoba kanye nokugandaya ummbila noma umuthi.
  • Ithunga okuyaye kuthiwe ngalo “ongenathunga usengela phansi”, kuyayichaza indaba yokuthi ithunga ngelokusetshenziswa  uma kusengwa izinkomo.
  • Isitshingasi/ingwaqo yinduku yokugovuza utshwala uma busenziwa noma bubaselwe eziko.

Izimpahla ezibunjwe ngobumba

Njengoba ngenhla silobe ngezitsha ezibaziwe, lapha ke siveza lezi ezibunjwe ngobumba. Ubumba lolu lutholakala eduze komfula, eduze kwesihosha, noma eduze kwesiphethu lapho okunamanzi khona. Phakathi kokunye, ubumba lusetshenziswa uma kubunjwa izitsha zasekhaya. Ubumba ke lapho lusetshenziswa akuthathwa nje noma yiluphi uma kuzobunjwa ngoba phela alufani. Kukhona ubumba lokwenza izitsha ezithile bese kuba khona olunye ubumba lona olungasetshenziswa sampela lapho kwakhiwa izitsha.

  • Udengezi lubunjwa lube yisibaca ukuze luzokwazi ukusetshenziswa uma kuthoswa, luphinde lusetshenziswe uma kushiswa impepho ekhaya, okuyilapho kusetshenziswa khona udengezi olunofa noma oluphuke lusetshenziswa bese lwenziwa udengezi lokushisa impepho.
  • Udiwo wuhlobo oluthile lokhamba lokubeka kahle amasi, oluphinde lusetshenziswe futhi uma ephuzwa amasi.
  • Ukhamba lufana nodiwo kodwa lufaka utshwala. Ukhamba lwakhiwa ngokubunjwa lube yindilinga bese luba nesinqe sokuhlala olwenza lukwazi ukuzimela lodwa lungawi. Lapho kwenziwa ukhamba, umbumbi ufike alubumbe bese elufaka eziko lushe yikhona luzoqina. Ngemva kwalokho lube selufakwa umlotha lomiswe lushaywe wumoya yikhona luzoba sesimweni sokuthi selungaqala ukusetshenziswa.
  • Ikhanzi wukhamba okuphekwa ngalo ekhaya.
  • Umancishana wukhamba oluncane lokufaka utshwala. Umancishana lona kuba wukhamba lokugcina oluphuma uma kade kukhona umcimbi noma umsebenzi wesintu. Kulindwa buze buphele bonke utshwala ekhaya egcekeni bese ke uyasala umancishana uphuzwe ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuba usuphelile umsebenzi. Abanye ke babiza umancishana ngokuthi wukhamba lwasekhaya ngoba phela umancishana akusiwo owokuphuzwa yibandla.
  • Imbiza wukhamba olukhulu okuphekelwa kulo kanti futhi kuphinde kuthi uma kugayiwe ekhaya kuvovelwe utshwala kulo.
  • Umcakulo wukhamba olunomlomo ovuleke kakhulu okudlelwa kulo ukudla.
  • Umcengula wukhamba olunesinqe esingashonile phansi okudlelwa kulo.
  • Umkhele wukhamba lokuphuzela olunomlomo omkhulu, okuyiwona owenza lube wukhamba lokuphuzela utshwala olujwayelekile.
  • Ingcazi wukhamba olunomlomo omncane olusetshenziswa ukubeka amanzi, kwesinye isikhathi kugcinwa kulo utshwala uma izinkamba zotshwala zigcwele.
  • Isanqulo wukhamba olukhulu lokufaka utshwala, lusetshenziswa kakhulu uma kukhishelwa ibandla utshwala esibayeni ukuze kungalokhu bukhishwa ngamancozuncozu.
  • Isikhamba wukhamba okudlelwa kulo amasi, indlela olwakhiwe ngayo luba nomlomo omkhulu.
  • Isikhangezo ngesezingane esisetshenziswa ukuziphakela uma zidla amasi, phela zona azidleli okhambeni lwabantu abadala.
  • Isiyoco wubumba lokuthosa. Singasho nje sithi yipani lakwaZulu lokuthosa ngoba phela emandulo insimbi ibingekho le osekwenziwa ngayo ipani namhlanje.
  • Isoco wukhamba lokupheka olume lwaqonda.

Luphelela lapha ke uhla lwezitsha zakwaZulu ebezisetshenziswa ekwenzeni izinto ezahlukahlukene ekhaya. Lana ke sifake lezi ezibunjiwe kanye nezibaziwe, engosini elandelayo kuzobe sekuba yizitsha ezakhiwe ngoselwa bese kugcina ezotshani.

Leave a Reply