isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Ukudla kwesintu

Kuningi isizwe sikaZulu esihluke ngakho kwezinye izizwe nezinhlanga. Akugcini nje ngamasiko, indlela yokugqoka ngokuvunula, umculo kumbe indlela isizwe sikaZulu esicikoza ngayo ngolimi; kodwa lesisizwe siphinde sizidlele amahlanga nangendlela esidla ngayo ukudla kwaso kwesintu. Phela abaziyo bathi ukudla kwesintu kwehla esiphundu impela, ungeke ukunike esingaboni. Kuleli khasi ke sithi ake sisike kwelijikayo sihlobe ngokumaya (ukudla) kwesintu obekudliwa kakhulu emandulo. Noma kusadliwa namanje ukudla okwakudliwa emandulo, kodwa ke ngokushintsha kwezinto akusafani. Abamhlophe bafika nokumaya kwabo, isizwe sikaZulu sakufunda sase sikusebenzisa njengokwaso. Kanjalo nabamhlophe bafikela ekudleni kwesizwe sikaZulu, babukela kwabakwenzayo, nabo bacosha abakucoshayo bakusebenzisa. Ake siqale ke ngohlu lokudla kwesintu.

  • Amadade ngamazambane esiZulu aphekwa namakhasi, kuya ngomuntu owaphekayo noma azodliwa ewodwa noma azodliwa exutshwe nempuphu.
  • Amagandangane abuye abizwe ngokuthi ngamaqebelengwane. Kuthathwa inhlama yommbila ogayiwe ibunjwe yenziwe izigaqana ezibekwa phezu kommbila bese kuphekwa kuze kuvuthwe kanye kanye. Amagandangane adliwa nencoso noma adliwe ewodwa.
  • Ibhece yisilimo okwenziwa ngaso ujeleza. Livutshelwa ngempuphu. Abanye balithanda lifakwe ushukela.
  • Icobe liwububende, lulungiselelwa ngokuthi kuqotshelwe inyama obendeni bese leyonhlanganisela iphekwa.
  • Ifutho wummbila omusha ophekwa ube isikhwebu, abanye bawuthanda ushisa uphuma embizeni kanti abanye bathanda ukuwumaya uma usupholile.
  • Ihongo lenziwa ngokusengela ubisi emlazeni bese kuyaphuzwa. Umlaza ngamanzi aphuma obisini oseluvuthiwe akwazi ukucwengeka bese kusala amasi nezaqheqhe zuphela.
  • Ikhuthu libuye libizwe ngomqwayiba ngoba incoso eyomisiwe. Kuphekwa inyama ngebhodwe igxajiswe, okuthi uma isivuthiwe ilungiselelwe ukumaywa. Ukhuthu lubekwa phezulu ogibeni emsamo lulengiswe luze lome. Lusetshenziswa kakhulu njengomphako uma kuzothathwa uhambo.
  • Imbumba okujwayeleke ngayo wukuthi uma isangoma sibhula sishaya eceleni kuthiwe “Sidl’ imbumba”, engingenalo ke ulwazi lokuthi kusuka kuphi lokho. Lapha sibhunga ngokuthi yenziwa kanjani imbumba uma umuntu efuna ukuyimaya. Kuphekwa izindumba noma ubhontshisi noma izindlubu bese kuthelwa impuphu kuhlanganiswe kahle nobhontshisi lowo ophekiwe, bese kubalokhu kugovuzwa kancane kancane kuze kuvuthwe. Imbumba le ibuye ibizwe ngesigwaqana.
  • Imbuya wuhlobo oluthile lwemfino ngokuvamile emila ngenzansi kwesibaya. Lemfino iyakhiwa, igezwe inhlabathi ukuze ingalumeli, bese iphekwa iba yisishebo. Iconsis’ amathe ke uma izodliwa nophuthu noma nojeqe.
  • Imifino iyizinhlobo eziningi, ngokwesibonelo; kukhona imbuya, kubekhona imifino kaqadolo, kubekhona futhi nemifino yezintanga. Lemifino enhlobonhlobo yonke inambitheka ngezindlela ezingafani. Uma kuphekwa imifino kukhiwa amaqabunga akhona, ikakhulukazi kulemifino ebizwa ngokuthi ngekaqadolo. Lawomaqabunga abe esephekwa kube yisishebo. Imifino imnandi impela inqobo nje uma iphekwe kahle.
  • Incumbe wukudla kwabantwana abancane, yenziwa ngephalishi noma ngobisi.
  • Isidudu senziwa ngokupheka ithanga noma ibhece bese kuvuvuzelwa ngempuphu ngaphezulu kube saphalishana kodwa elishubile. Isidudu sifakwa ushukela uma sesivuthiwe ukuze sehle kahle.
  • Isihhiya yithanga noma ubhatata oxutshwe nempuphu yamabele.
  • Isinkwa sommbila senziwa ngokuhlanganisa ummbila ogaywe etsheni uxutshwe namanzi khona ungezokoma. Ngemuva kwalokho inhlama ibe isiphekwa okuthi uma isivuthiwe bese iyamaywa. Isinkwa sommbila sicishe sifane nojeqe, umahluko wukuthi isinkwa sommbila sona siyadleka nendwamba, lawo ngamasi phela avutshwe ngaso isinkwa sommbila.
  • Izindlubu zisabhontshisi, ziphekwa zodwa zinandiswe ngeswayi kuphela.
  • Izinkobe zenziwa ngokuthatha ummbila osengathi usuthanda ukoma, ube usuhululwa amahleza awo aze asale wodwa eceleni. Ngemuva kwalokho lowommbila uyabiliswa embizeni uze uthambe. Uma usuthambile ukhishwa emanzini ufakwe usawoti ngemva kwalokho ke kube wumshubo. Izinkobe zazisetshenziswa kakhulu emandulo uma kuthathwa uhambo olude ngoba ziyasuthisa uma umuntu ezidlile.
  • Ububende bubakhona uma kuhlatshwe imbuzi. Into eyenziwayo ukuthi ngalenkathi inqunywa imbuzi, kukhongozelwa igazi layo lifakwe esitsheni noma embizeni, bese lixovwa leligazi lihlanganiswe namaqatha enyama yayo imbuzi bese leyongxubevange iphekwa. Uma ububende buphekwe kahle, a ngeke usinike esingaboni.
  • Ubudibi wukumaya okuphekwa kubondwe kepha akuthakwa nalutho. Kufana namadumbe asuke ephekiwe ngoba nawo adliwa enjalo engathakwanga, kungafani nethanga noma nebhece khona okudinga ukuhlanganiswa nempuphu lapho kuphekwa.
  • Udonca isitshalo sesiZulu esikhula sibe side. Lesisitshalo siyavunwa sibhulwe njengommbila osuke uzohululwa. Ngemuva kwalokho udonca luyagaywa lunongwe nomcaba wona okhunywayo uma umaywa.
  • Ugume lulungiselelwa ngokuthatha ummbila uqothwe etsheni, ngemva kwalokho wethiwe esigujini. Ugume belusetshenziswa kakhulu uma kuhanjwa uhambo olude ngoba phela belungaboli nhlobo, yingakho beliba wumphako uma izinsizwa noma amabutho ekhahlela izidindi.
  • Uhlelenjwayo lona lwenziwa ngokuthi kugxotshwe imfe le etshalwa emasini. Imfe iyadleka noma iyodwa ngoba inoshukelana kanti ke ayidingi nakuphekwa.
  • Ujeqe wenziwa ngenhlama yamabele neyommbila. Inhlama iqala ngokukhukhumaliswa ngesibiliso sotshwala besintu. Ngemuva kwalokho leyonhlama ifakwa embizeni yokupheka kubaswe ikloba lomlilo kuphekwe ngalo. Esikhathini samanje ke sekufakwa noshukela lapho kwenziwa ujeqe kwenzela ukuthi unambitheke kangcono.
  • Umbhantshi wona uthakwa ngamasica ahluzwayo bese ecwiliswa emanzini izinsuku ezimbalwa. Bese kugaywa umcako uhlanganiswe namasica. Esikhathini samanje kusetshenziswa nophuthu olufakwa ebhakedeni bese kufakwa namasi ngoba phela ngendlela omuncu ngayo umcaku kunzima ukuwudla ungenashukela, kuhlehla izigqiya impela.
  • Umbhaqanga yiphalishi lommbila noma lamabele.
  • Umbhunqwa wona ulungiselelwa ngokuthi kuqothwe imfino yezintanga, iphekwe bese idliwa nophuthu. Umuntu ke udla eshay’ esentwala impela ehlise ngamahewu uma ekhona ekhaya.
  • Umdokwe uphekwa ngempuphu yommbila noma ngamabele agayiwe. Unesigaba lapho ulaliswa khona embizeni njengencwancwa (umdokwe omuncu). Uma umdokwe usuphekiwe wavuthwa, uyephulwa upholiswe bese ke uyamaywa (uyadliwa).
  • Umhluzi yisobho lenyama esuke iphekiwe. Lelisobho kuyaba ngelenkomo, ngelenyama yenkukhu, noma ezinye izilwane zasekhaya. Abanye baphunga ngisho umhluzi wenyamazane ebanjwe enqineni.
  • Umkhwantshu uphekwa ngokuxova izinkobe zixutshwe nezindlubu noma nobhontshisi bese kwenziwa kushube, kungafakwa impuphu.
  • Umncindo wenziwa ngemithombo yokugaya utshwala okuthiwa wumqombothi. Inhlama yokugaya yenziwa ngemithombo yommbila noma yamabele. Inhlaba iyalaliswa bese kuthi ngelanga elilandelayo ibiliswe kanye namanzi abilayo ize ivuthwe. Ekuvuthweni kwayo leyo nhlama kuba ke sekuwumncindo. Ube usupholiswa udliwe ubanda. Abanye ke bathanda umncindo ofakwe ushukela ukuze wehle kamnandi emphinjeni.
  • Umthubi wubisi lwenkomo esanda kuzala oluphekwa lodwa, okungesilo elokwenza amasi, olusengwa ngoba kwenzelwa ukuthi ubisi lungayigulisi inkonyane uma seluluningi kakhulu kunina wayo.
  • Umshwala wuphuthu oluphekwa ngokubilisa amanzi okufakwa kuwo impuphu kugovuzwe kuze kuhlangane kahle. Uphuthu ludinga isineke ke uma luphekwa ngoba uma lunganakiwe luyanyela, okusho ukuthi noma ungalugovuza isikhathi esingakanani uma nje selunyelile ludinga ukuchithwa ngoba ngeke lusadleka vele. Uphuthu ke ludliwa nanoma yisiphi isishebo.
  • Upata lwenziwa ngokufaka ummbila noma amabele emgodini osesibayeni isikhathi esiyizinsuku ezingamashumi amathathu (inyanga). Emva kwalokho lowo mmbila uyakhishwa kuphekwe ngawo iphalishi elibizwa ngokuthi wupata noma yisangcobe.

Lena ke yingxenye yokuqala yeziqeshana ezimbalwa ezimayelana nokumaya kwesintu. Kuyaziwa ke ukuthi akufakwa ukumaya emlonyeni usamumethe, nathi ke njengamanje sisamumethe sizobuya nesiqephu sesibili sesigwinyile saze saphulula nezisu sesizoqedela ulwazi esiluthekela la kulengosi ngengxenye yesibili. Nina beSilo!

Sizwe sikaNodumehlez’ kaMenzi engosini eyandulela le, “Ukudla kwesintu – Ingxenye yokuqala”, silobe ngokudla kwesintu kwamaZulu obekudliwa emandulo nokunye okusadliwa namanje noma sezashintsha izinto. Sithe ke lana asenabe ngakho ngoba phela kulengosi yokuqala besifinyeze amadolo ngalesisihloko sokudla kwesiZulu, sikha phezulu njengengwebu okhambeni lomqombothi. Siyaqhubeka ke nohlu lokudla kwesintu namaresiphi.

5 thoughts on “Ukudla kwesintu”

Leave a Reply