isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Ukudla kwesintu (Ingxenye yokuqala)

Kuningi isizwe sikaZulu esihluke ngakho kwezinye izizwe nezinhlanga. Akugcini nje ngamasiko, indlela yokugqoka ngokuvunula, umculo kumbe indlela isizwe sikaZulu esicikoza ngayo ngolimi; kodwa lesisizwe siphinde sizidlele amahlanga nangendlela esidla ngayo ukudla kwaso kwesintu. Phela abaziyo bathi ukudla kwesintu kwehla esiphundu impela, ungeke ukunike esingaboni. Kuleli khasi ke sithi ake sisike kwelijikayo sihlobe ngokumaya (ukudla) kwesintu obekudliwa kakhulu emandulo. Noma kusadliwa namanje ukudla okwakudliwa emandulo, kodwa ke ngokushintsha kwezinto akusafani. Abamhlophe bafika nokumaya kwabo, isizwe sikaZulu sakufunda sase sikusebenzisa njengokwaso. Kanjalo nabamhlophe bafikela ekudleni kwesizwe sikaZulu, babukela kwabakwenzayo, nabo bacosha abakucoshayo bakusebenzisa. Ake siqale ke ngohlu lokudla kwesintu.

  • Ibhece yisilimo okwenziwa ngaso ujeleza. Livutshelwa ngempuphu. Abanye balithanda lifakwe ushukela.
  • Ububende bubakhona uma kuhlatshwe imbuzi. Into eyenziwayo ukuthi ngalenkathi inqunywa imbuzi, kukhongozelwa igazi layo lifakwe esitsheni noma embizeni, bese lixovwa leligazi lihlanganiswe namaqatha enyama yayo imbuzi bese leyongxubevange iphekwa. Uma ububende buphekwe kahle, a ngeke usinike esingaboni.
  • Ubudibi wukumaya okuphekwa kubondwe kepha akuthakwa nalutho. Kufana namadumbe asuke ephekiwe ngoba nawo adliwa enjalo engathakwanga, kungafani nethanga noma nebhece khona okudinga ukuhlanganiswa nempuphu lapho kuphekwa.
  • Icobe liwububende, lulungiselelwa ngokuthi kuqotshelwe inyama obendeni bese leyonhlanganisela iphekwa.
  • Umdokwe uphekwa ngempuphu yommbila noma ngamabele agayiwe. Unesigaba lapho ulaliswa khona embizeni njengencwancwa (umdokwe omuncu). Uma umdokwe usuphekiwe wavuthwa, uyephulwa upholiswe bese ke uyamaywa (uyadliwa).
  • Udonca isitshalo sesiZulu esikhula sibe side. Lesisitshalo siyavunwa sibhulwe njengommbila osuke uzohululwa. Ngemuva kwalokho udonca luyagaywa lunongwe nomcaba wona okhunywayo uma umaywa.
  • Ifutho wummbila omusha ophekwa ube isikhwebu, abanye bawuthanda ushisa uphuma embizeni kanti abanye bathanda ukuwumaya uma usupholile.
  • Ugume lulungiselelwa ngokuthatha ummbila uqothwe etsheni, ngemva kwalokho wethiwe esigujini. Ugume belusetshenziswa kakhulu uma kuhanjwa uhambo olude ngoba phela belungaboli nhlobo, yingakho beliba wumphako uma izinsizwa noma amabutho ekhahlela izidindi.
  • Uhlelenjwayo lona lwenziwa ngokuthi kugxotshwe imfe le etshalwa emasini. Imfe iyadleka noma iyodwa ngoba inoshukelana kanti ke ayidingi nakuphekwa.
  • Ihongo lenziwa ngokusengela ubisi emlazeni bese kuyaphuzwa. Umlaza ngamanzi aphuma obisini oseluvuthiwe akwazi ukucwengeka bese kusala amasi nezaqheqhe zuphela.
  • Ujeqe wenziwa ngenhlama yamabele neyommbila. Inhlama iqala ngokukhukhumaliswa ngesibiliso sotshwala besintu. Ngemuva kwalokho leyonhlama ifakwa embizeni yokupheka kubaswe ikloba lomlilo kuphekwe ngalo. Esikhathini samanje ke sekufakwa noshukela lapho kwenziwa ujeqe kwenzela ukuthi unambitheke kangcono.
  • Isinkwa sommbila senziwa ngokuhlanganisa ummbila ogaywe etsheni uxutshwe namanzi khona ungezokoma. Ngemuva kwalokho inhlama ibe isiphekwa okuthi uma isivuthiwe bese iyamaywa. Isinkwa sommbila sicishe sifane nojeqe, umahluko wukuthi isinkwa sommbila sona siyadleka nendwamba, lawo ngamasi phela avutshwe ngaso isinkwa sommbila.
  • Ikhuthu libuye libizwe ngomqwayiba ngoba incoso eyomisiwe. Kuphekwa inyama ngebhodwe igxajiswe, okuthi uma isivuthiwe ilungiselelwe ukumaywa. Ukhuthu lubekwa phezulu ogibeni emsamo lulengiswe luze lome. Lusetshenziswa kakhulu njengomphako uma kuzothathwa uhambo.
  • Amadade ngamazambane esiZulu aphekwa namakhasi, kuya ngomuntu owaphekayo noma azodliwa ewodwa noma azodliwa exutshwe nempuphu.
  • Amagandangane abuye abizwe ngokuthi ngamaqebelengwane. Kuthathwa inhlama yommbila ogayiwe ibunjwe yenziwe izigaqana ezibekwa phezu kommbila bese kuphekwa kuze kuvuthwe kanye kanye. Amagandangane adliwa nencoso noma adliwe ewodwa.

Lena ke yingxenye yokuqala yeziqeshana ezimbalwa ezimayelana nokumaya kwesintu. Kuyaziwa ke ukuthi akufakwa ukumaya emlonyeni usamumethe, nathi ke njengamanje sisamumethe sizobuya nesiqephu sesibili sesigwinyile saze saphulula nezisu sesizoqedela ulwazi esiluthekela la kulengosi ngengxenye yesibili. Nina beSilo!

7 thoughts on “Ukudla kwesintu (Ingxenye yokuqala)”

Leave a Reply