Amaphupho ngehlathi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
  • Uma uphupha ubona ihlathi elincane eduze kwendlu yakho kusho ukuthi umshado wakho uyoba nenjabulo futhi uyoba nezingane eziningi.
  • Uma uphupha uhamba ehlathini kusho ukuthi kuzoba noshitsho empilweni, kungaba ukuthi kukhona lapho uzoyohlala khona kwenye indawo ehlukile.
  • Uma uphupha uhamba phakathi ehlathini uze uyophumela ngaphandle kwalo, lokho kusho ukuthi kuzoba khona ushintsho empilweni kodwa loloshintsho luzohamba kahle.
  • Enye incazelo yokuphupha usehlathini: Uma uphupha usehlathini lokho kungaba yisexwayiso sokuthi kumele uqaphele ubungozi noma izinkinga ezizokuvelela ngenxa yesinqumo osanda kusithatha noma obuhlose ukusithatha esikhathini esingeside. Leso sinqumo kusuke kungesiso obekumele noma okumele usithathe. Uma uphetha ngokuphuma kulelo hlathi lokho kusho ukuthi uzokhona ukubhekana nokumelana nemiphumela yaleso sinqumo yize kuzoba nzima. Kanti uma ugcina udunguza ehlathini uze uphaphame, leso sinqumo sisuke sizoletha umonakalo omkhulu, izinkinga noma ubungozi.
  • Amaphupho ngokutheza.

13 thoughts on “Amaphupho ngehlathi”

  1. Ngiphuphe ngingen ehlathin elikhulu eligcwele ezilwane ezahluken kodwa bezingenabungozi Kimi.. ngaz ngahlangan nomfan osemncanyan njen ength ufun kungikhombisa umuzi wakub osekphelen kwehlath

    Reply
  2. Kushoni ukuphupha ucaba ihlathi nhenhloso yokwakha khona? lelihlathi liseduze nenxiwa kodwa kubonakala kukhanya kulona inxiwa.

    Reply
  3. Ngisize Gogo ngiphuphe omama wami nodadewabo sebashona bengiqhuba bengisa langiqome khona kuthiwe angiyokhomba

    Reply

Leave a Reply