Amaphupho ngezinkuni

Ukuphupha utheza izinkuni noma ubona umnyaba kungaba wuphawu olubi olungasho ukuthi linda uthandaze ngoba kunosizi, umunyu nesifo esingahle sehle kungekudala.

Uma uphupha izinkuni ziwumnyaba uzithwele ziwuphawu olubi olungasho ukuhlukunyezwa, ukugqilazwa nokujeziswa, nokuthwaliswa kanzima abantu ababi nabakhunkuli abangakufiseli okuhle.

Uma uphupha izinkuni uzithezela omunye omuntu wuphawu oluhle olungasho inhlonipho, lingasho ukukhathalela abanye abantu, umusa nothando nokuthi uyisibusiso kwabanye abantu.

Uma uphupha izinkuni unikezwa omunye umuntu kuwuphawu oluhle olungasho isibusiso, ukubonelelwa nokuthi lindela ukuhlinzekwa nguNkulunkulu ngezidingo zakho.

Uma uphupha izinkuni uzithenga kungaba wuphawu olubi olungasho ingcindezelo, inhlupheko, ubugqila nokuswelwa osuke uzobhekana nakho ngenxa yabantu abanganazwelo nanembeza.

Uma uphupha ucinga izinkuni noma utheza kodwa ungazitholi kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi angeke uhlanganyele nabantu ababi futhi abasabalalisa amazwi ahlambalazayo angadala udlame nomonakalo ezimpilweni zabanye abantu.

Kwesinye isikhathi kuba wuphawu olubi ukuphupha izinkuni ungazitholi, kungasho ukweswela, ubuphofu noma ukwentula izidingo nqangi ungatholi sizo.

Leave a Reply