Amaphupho ngameva

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ngokwejwayelekile ukuphupha ameva kungasho inkinga, into engeyinhle noma ukugxila kowehluleka kwakho kodwa kuya ngokwesimo nokwenzeka kulelo phupho.

Ameva esesandleni

Ukuphupha ameva esesandleni sakho kungasho ukuthi qaphela, ikakhulukazi lokhu kuvamise ukuba mayelana nomsebenzi, okungaba ukuthi emsebenzini abayithandi indlela owenza ngayo, noma kukhona abangezwani nawe okumele ubaqaphele futhi ushintshe. Uma uphupha wena ufaka ameva ezandleni kungasho ukuthi uzophelelwa umsebenzi noma uzokwehliselwa umholo kanje namahora owasebenzayo.

Ukupha Ameva Ezitshalo

Uma uphupha ukha ameva ezitshalo okungaba omdolofiya nezinye, uma ebomvana kungasho ukuthi kuzici ezithile ongazinaki kanti zingathinta impilo yakho, uma ungazinaki kungaba yizinkinga ezinkulu.

Ameva Esendleleni Nasezinyaweni

Uma uphupha ameva esendleleni ohamba kuyo lokhu kungasho ukuthi uzongena esigabeni la uzovivinywa khona ubhekane nezinselele kodwa uyophuma unqobile.

Uma uphupha ameva esezinyaweni zakho kungasho ukuthi uzohlangabezana nezingqinamba empilweni ngenxa yemigomo yakho kodwa uma uphupha uwasusa ameva kungasho ukuthi uzoba nawo amandla okuxazulula izithiyo eziba sendleleni yakho.

Umqhele Wameva

Ukuphupha umqhele wameva kungasho inhlupheko nokuphila ubhekene nezinkinga.

Ameva Esezingubeni

Ukuphupha ameva esezingubeni zakho kungasho ukuthi unezinkinga ezahlukene ngoba kunomuntu ongalungile ongafuni ukumdedela aphume empilweni yakho, futhi lomuntu ukufaka ezinkingeni kodwa awusuki kuye. Kungaba umngani, umuntu omaziyo noma ilunga lomndeni.

Abanye Abantu Nameva

Ukuphupha omunye elimala emeveni kungasho ukuthi isimo sakho sengqondo kanye nezenzo zakho kudala izinkinga kwabanye abantu. Okungaba ukuthi awuziphathi kahle futhi lokho kuyabalimaza abanye abantu.

Ukuhlatshwa Ngameva

Ukuphupha uhlatshwa ngameva kungasho ubunzima osazobhekana nabo futhi buzokuzwisa ubuhlungu. Kanti kwesinye isikhathi ukuphupha uhlatshwa ngameva kungasho ukuthi uzolingwa futhi uzovivinywa ngabantu abalukhuni ngenxa yobudedengu neziphambeko zakho phambi kuka Nkulunkulu.

Ukuphupha Uphakathi Kwameva

Uma uphupha uphakathi kwameva kungasho ukuthi uwumuntu okhuthalele kakhulu ingcebo, nokuthi uchitha isikhathi esiningi phakathi kwabantu abangalungile futhi abakudukisayo.

Ukukhipha Ameva

Ukuphupha uzikhipha kungasho ukuthi uqhelisa abantu abanonya empilweni yakho, kanti uma ukhipha omunye umuntu kungasho umsebenzi omkhulu okuhlalele ukusiza abantu abasezinkingeni nabasezinhlungwini nokuthi lowomuntu udinga usizo lwakho ngoba usezinkingeni.

Leave a Reply