Lana sinethulela izibongo zenkosi yakwaMkhwanazi uSomkhele kaMalanda Mkhwanazi owayezalwa nguMntwana waseNdlunkulu evela ebukhosini bakwaZulu uNtiliki. Inkosi uSomkhele wabamba elikhulu iqhaza empini yaseSandlwana eyabe iholwa uBhambatha kaMancinza ibambene ngezihluthu Phakathi kwesizwe sikaZulu namaNgisi eyaliwa ngowezi 1879.
Inkosi iyathulisa izwe sebeligegile,
Inkosi eyakhipha uZibhebhu eTshaneni,
Ngomkhonto yamusa ezansi,
Ngaze kuthiwa uyangumazela,
Ziyamemana izimfunda zeMfolozi,
Emnyama nemhlophe kwelakwaMpukunyoni
Zizonda ilanga.
Baye bayoshona bonke eDukuduku,
Nezibhamu zabo nabantu babo,
Kwaye kwaphuma imbokodwe
Ebomvu noFalazi.
ULanga laphuma endlebeni yendlovu,
Mhlawumbe lizophuma kweye ngonyama.
Undaba zimade,
UMabuzw’ ekudeni,
UMadabula nkomo kazisathethwa,
Zithethwa ngoMantayi nonina.
Ziye zamenyezwa uBhejile,
Zamenyezwa nguMondli
Ebona ukubusa kwenkosi
Yakithi kwaNdongaziyaduma,
Ibusa ngamasi, ibusa ngenyama.
Indaba yenziwe nguNhlumbana noMabhakana,
Ophathe umcaba wawubeka,
Kanti izinkomo sezidliwe.
Imbube izidle zingasenamathole,
Umhlophe wakithi kwaNobhedu,
Ogqize ngamanqina,
Waze wagqiza ngamaqakala.
ULanga likaMbedle,
Eliphum’ entabeni zombili,
UDanda ngowakwaNgonyama,
Wayithwala inkalankala,
Egodle amadoda amabili,
EngawakwaMpukunyoni.
Igodle uNkowane,
Yagodla uMsushwana,
Igodle uMbopha ubehlatshwa.
USihlahla sibande uMavuso,
Ezalwa kwaNibela;
Sabanda uyise kaMasakeni,
Sabanda abangwane.
Sabanda uMpiyakhe wakwaZikhali,
Phansi olwandle eSodwana Bay,
Sabanda uDlemudlemu,
Sabanda uSomnyomo,
Inkosi yakwaMbuyazi,
Wagodla uBhejile,
Inkosi yakwaKhoza.
UNokhokhoba okhokhobela
Izinkomo kwaze konakala,
Onkomo zidle iphathana,
Zilidla ziliphindelela,
Abanikazi bephathana
Baze bavungazela
Kuvungazele uMzwangedwa.
Uchibi eliseNkodibe,
Kaliphuzwa nkomo,
Liphuzwa imihlambi,
Ngeyezingwe ngeyezingonyama.
Usikhumba ngithe
Ngiyasonga sangihlambalala.
Umqoqi ozishay’ ingonyama,
Isisunduzi samabandla
UMkhumbuzi kaZulu ukuhlabana,
Ehlabana eNcome naseSandlwana
Yibinda Ndonga!
Yibinda Shamase!
Yibinda Nkwali yeNkosi!