Kunezigaba zemicimbi empilweni yentombazane. Uma intombazane isifike esikhathini sayo sobudala sokuthomba yenzelwa umhlonyane. Uma intombazane isineminyaka engama-21 yenzelwa umemulo, kodwa-ke intombazane iyenzelwa futhi umemulo ngesizathu sokuthi isuke isizokwendela umkhwenyana wayo. Ukwemulisa intombazane akukhethi, iyemuliswa intombazane noma ngabe isinengane noma ayinayo.
Umemulo yilapho abazali besuke bebonga khona intombazane ukuthi iziphathe kahle yaze yafika esigabeni sobudala. Kodwa-ke akubongwa nje kuphela intombazane leyo eziphathe kahle, kubongwa futhi namaqhikiza ayikhulisile, kubongwe nabo abazali abayikhulisile ikakhulukazi unina, futhi kubongwe namadlozi noMvelinqangi ngokuvikela intombazane ngokufika kuleso sigaba esuke isifike kusona.
Amalungiselelo omemulo
Amalungiselelo omcimbi womemulo aqala ngokuphekwa kotshwala ekuqaleni kwesonto ngoMsombuluko. Ngalesosikhathu namantombazane asuke eqala ezilungiselela ngokucula nokusina. Umuntu wesilisa akangeni lapho kukhona khona amantombazane ngoba izinto ezishiwo khona azimdingi.
Ukulandwa komkhonto
Enye ingxenye enkulu emcimbini womemulo yilapho intombazane kufanele ilande khona umkhonto. Kuyahlukahluka ngezimo ukuthi intombazane iwulanda kuphi umkhonto. Uma intombazane isiqomile futhi kunezinkomba zokuthi loyo emqomile uzoyithatha abe ngumkhwenyana, ngoLwesine amantonbazane ayahamba ayolanda umkhonto kubo kwaleyo nsizwa. Uma intombazane ingaqomile, umkhonto iwulanda komalume wayo.
Lapho izintombi zifika kwamkhwenyana noma komalume, zingena kungazelelwe zingatshelanga muntu, zithathe noma yini yakhona ezizogweva nayo kwenzelwa ukuthi zigcine zithole umkhonto. Uma seziwutholile umkhonto, zibe seziphindela nawo emuva zihamba zihuba futhi zisina.
Umcimbi womemulo
NgoLwesihlanu kubulawa inkomo eqondene nomcimbi lowo womemulo. Uma emzini owodwa kwenzelwa kanyekanye, ngesikhathi esisodwa, umcimbi wokwemula wamantombazane amabili, nalapho futhi kubulawa yona inkomo eyodwa, hhayi ezimbili.
Intombazane ayikwazi ukwenzelwa umemulo kube kukhona endala kunayo engakaze yenzelwe umemulo. Uma leyo ntombazane endala seyadlula emhlabeni, umndeni uyaxolisa ngembuzi kucelwe ukuthi ingabi nolaka, idedele umsebenzi uhambe kahle. Lembuzi ihlatshwa ngoLwesihlanu kanye nayo inkomo yomsebenzi. Izintombi zibe sezithatha inyama yomkhonto ziyifake ezintini, yonake idliwa izalukazi kuphela.
Ekuseni amantombazane avuka aye emfuleni ayogeza ngamanzi abandayo kubuywe bese intombazane eyemulayo ifakwe inyongo iphinde inikwe nomhlwehlwe wenkomo ezowembatha uma isisina icece elisinwa esigcawini esikhethwe ngubaba wekhaya kumbe noma esikhethwe ngomunye umuntu omdala emndenini.
Amantombazane asuke evunulile efake izigege. Ngawo uMgqibelo womcimbi kubuywa kube nomhlalo emnyango ubusuku bonke kuze kuse.
Omunye umcimbi empilweni yentombazane wumhlonyane.
Umcimbi wokubongwa kwentombi ngabasemzini.

Yebo
Ngicela ukubuza ngiwu msotho ubaba wengani ngu mzulu sinengani ena 17 ivele ya stopper ukuya eskhathini so samhambisa emtwin kwathiwa ufuna ukwenzelwa umhlonyani so kuthiwa kmele enzelwe ekhaya awake isphandla sako malume cz ubabakhe ikhokhe I damage kphela akayi lobolile ingani so kuthiwa kmele kube khona imbuzi eziyi 2 so mina angi understand cz I’m sotho kuza kanjan kwenzelwe isiko labo babakhe ekhaya so ngicela ukbuza ingabe kwenzeka lokhu help plZ
Kuhle yin ukuqedwa kwesiko lomemulo ezweni?
Ngicel amaquestions and answers about UMEMULO
Cofa lapha ukuthola impendulo Usiko lokukhuliswa kwentombi
I liked the information you given me I appreciate you so much ithink I am gonna pass this test at school 🏫
Sizwe.nyuswa@outlook.com
cela ukubuza mina, ukuthi uma wenzelwa umemulo khona into okufanele uyenze for amadlozi?
Okubalulekile ukubika emadlozini ngomcimbi, ugaye utshwala ushise imphepho.
Uma watholela ingane ekhaya wase waganela komunye umuzi abazali bakho basangaqhubeka yin bakwenzele umemulo?
Yebo ukugcina usiko uma bake bakuphimisela ukuthi bayokwenzela.
Cela ukubuza umhlwehlwe ubanjani umbala mowuyintombi wenzelwa memulo ,
ngoba ngike ngibone omhlophe kakhulu,
kube omhlophe kodwa unokubovu kancane bese Kuba obovu kakhulu
Uma I ntombazane izalelwe ekhaya, umama wayo wayesshadela kwesinye isbongo, wenziwa kuphi umemulo wayo? I ngabe uyenzelwa na emzini lapho umama aganele khona noma wenziwa kubo kamama. Ngyabonga
Wenzelwa ekhaya komama.
Ngicela ukubuza ukuthi umhlwehlwe uyadabuka Yini Uma uyintombazane walala nenye intombazane Kodwa ungakaze ulale nomfana uyadabuka Yini umhlwehlwe?
Umhlwehlwe uyadabuka uma umuntu engeseyona intombi nto. Cofa lapha ukuthola ulwazi ngokuziphatha kwentombi Ukuziphatha Ngokwesintu
Okunye sekungamaphutha sizodida abantu. Umuntu ongenalo ulwazi olwanele unelungelo lokuthula ukuze singagcini sesenza imikhuba esikhundleni sesiko.
Umemulo yisiko elihle lapho abazali basuke bebonga intombi abayikhulisile nokuziphatha kahle kuze kufike lapho isikhule ngokwanele khona, beyinika nelungelo lokuth isingalibona isoka (isingaqoma), akendzelwa umemulo umuntu osevele waziqomela noma walala no muntu wesilisa ngoba sewavele wazenzela engakhululiwe, noma kuvela isoka limulobola umemulo awusiso isikweletu.
Kufika abantu nezinsizwa ngomemulo zizobuka le ntombi, ziyichome ziziveze kuyo ubunsizwa bazo.,uma isiqomile ayemuliswa, Uma isilalile noma inomntwana akusesiyo intombi ayisakhulunywa eyomemulo
ngicela ibhalwa kanjan indaba ngomemulo
Ayenzelwa Umemulo amantombazane ayisithupha ngenkomo eyodwa?
Umemulo yinto enhle kabi
Iyenzelwa yini umemulo intombazane esilalile kodwa ingenayo ingane noma loko kudabula umhlonyane?
Chaaaa!!
How umemulo is done inwith already married person
Cofa lapha ukuthola ulwazi Usiko lokukhuliswa kwentombi
uma wenza umemulo kodwa ungawufaki umhlwemhlwe