Usiko lokuhlolwa kwezintombi lwaziwa kakhulu njengomkhosi kaNomkhubulwane, yena owaziwa njengenkosazana yemvula eyayithanda ubumsulwa nokuziphatha kahle. Kungemuva kwesikhathi sakhe lapho kwabe sekuqala khona usiko lokuhlolwa kwezintombi ukuba ngabe ziseyizintombi ngokugcwele na bese zicijwa futhi ukuba zihambe ezinyathelweni zakhe uNomkhubulwane. Ukucijwa kuhlanganisa ukufundiswa ukuziphatha kahle, ukusina ingoma kanye nokuhlonipha umhlaba njengentombazane esencane umunut akhule aze kufike esikhathini sobudala sokugana.
Injongo yosiko lokuhlolwa kwezintombi
Injongo yosiko lokuhlolwa kwezintombi kuwukukhulisa, ukwakha, kanye nokuvikela abantu besifazane abasebancane. Kafushane nje singasho sithi usiko lokuhlolwa kwezintombi luyisikole esinikeza imfundiso yokuziphatha, ukubaluleka kokuba yintombi nto, kanye nokuvimbela ukuzala kwabantu besifazane ngaphambi kokuba bashade. Lokho phela kuyisehlo esithatheka njengehlazo esizweni sabantu abamnyama. Usiko lokuhlolwa kwezintombi futhi lwelekelela ekulwisaneni nokubhebhetheka kwezifo ezitholakala ngokocansi.
Ukugujwa komkhosi womhlanga
Umkhosi womhlanga ungeminye yemicimbi emidala kakhulu emlandweni wesizwe samaZulu. Lomkhosi ngowezintombi ezisagcwele ngenxa yokuzithiba ekuzimbandakanyeni ocansini. Lezizintombi ziya esigodlweni esikhulu senkosi ebusa ngaleso sikhathi. Zisuke zihambise umhlanga kumabutho eNgonyama, lowomhlanga uyaye usetshenziswe ukuvuselela ukubiya umuzi wenkosi njalo ngonyaka. Phambilini izintombi zaziwukha zona umhlanga ziwuse emabuthweni kepha ngokwanda kwenani lezintombi ezihambela lomkhosi, manje seziwufica usukhiwe usubekiwe umhlanga endaweni yaseNyokeni okulapho kuyisigodlo senkosi ebusa njengamanje iNgonyama uGoodwill Zwelithini KaBhekuzulu. Konke lokhu kwenziwa ngenxa yenkolelo yokuthi izintombi nto zinobungcwele ngakho nesigodlo senkosi kufanele sikuthole ukuqina okulethwa ilobu bungcwele.
Ukubungazwa kukaNomkhubulwane
Njalo ngonyaka ngemumva kwesikhathi sokuvuna emasimini phakathi kwenyanga uNhlangulana kanye Nontulikazi izintombi esisemsulwa ngokungahlangani nabantu besilisa nokwenza ucansi ziyahlangana ziye entabeni. Lapho entabeni zifike zibonge izimvula zonyaka eseziholele ekukwazini ukuvuna bese zicelela unyaka ozayo izimvula ukuze kuphindwa kutshalwe, kulinywe bese kuvunwa ukuze kuzodliwa. Kuhutshwa izingoma futhi kushiswe impepho lapho kucelwa kulenkosazana uwuNomkhubulwane yemvula bese kuchithwa igazi lenkukhu yesifazane engazukudliwa muntu. Izintombi zithwala utshwala besintu kanye nommbila. Entabeni zifika zitshale insimu engahlakulwa muntu futhi engavunwa kepha ehlalayo nje izikhulele inganakwe muntu nezithelo zayo zigcine sezidliwe yizilwane zasendle okungaba yizinkawu, izintibane kany nezinye. Emandulo lolusiko lwaluphoqelekile kuzo zonke izintombi kodwa namuhla ngenxa yokushintsha kwezikhathi nokufika kwamalungelo sekwaba nokuzikhethela, yizintombi ezizithandelayo kuphela ezisazihlanganisa nalelisiko.
Omunye umcimbi oyisigaba empilweni yentombazane ngumemulo.
Hii kuchaza ukuthini uma uphupha usemkhosini womhlanga
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngokugubha umkhosi
hi My daughter would like to join ukuhlolwa kwe zintombi but we do not know who to contacts we are residing in Northen cape
Likewise