Ngokosiko lwesizwe samaZulu uma ingane yentombazane iqala ukuthomba, lapho iya esikhathini okokuqala okubuywe kwaziwe ngokuthi ukuya ezinsukwini, kumelwe ibikele owesifazane omdala okhona emndenini. Ekhaya ngokujwayelekile bayaye bashise impepho, kugaywe utshwala besintu bese kuchithwa igazi lenkukhu emhlophe yesifazane (ngoba ukuthomba kwentombazane kuthathwa njengenhlanhla). Konke lokhu kwenziwa ngenhloso yokubonga edlozini lomndeni ngokugcina liphinde futhi livikele indodakazi yalapha ekhaya kuze kufike isikhathi sokuthi iyaphuma ekubeni ingane ngoba kusukela lapho ibe isingakwazi ukuba inzalabantu ivuse isibongo sakomunye umuzi. Umcimbi wokujabulela ukuthomba kwengane yentombazane uba wumsebenzi omncane wasekhaya ongaba yitiye lomndeni, mhlawumbe kumenywe umakhelwane oyedwa noma abambalwa ukuba nabo bazocosha iqatha babongise umndeni ukuthi intombi isikhulile isingakwazi ukuvusa noma ikhulise isibaya sikayise.
Ngicela ukubuza zibangaki izimbuzi zokwenza umhlonyane nokuthi kuba iynsuku eyngaki usendlini especially umuntu osezele izingane?
Umuntu osezele ukukhuliswa kwakhe ngaphambi kokushada kubizwa ngani
Cofa lapha ukuthola impendulo Umemulo (isigaba empilweni yentombazane)
Ngiyaluthanda loluhlelo mina ngingowesifazane othanda ukwazi ngamasiko ethu