Ukuthelelana amanzi

Ukuthelelana amanzi wusiko olwenziwa lapho abantu abakade bexabene mhlawumbe baze balwa, abalwenza lapho sebexolelene sebefuna ukudlulisa lesosimo esibi esike saba khona phakathi kwabo. Labo abathelelana amanzi kungaba yinoma yibaphi abantu, kungaba ngabantu abangahlobene noma kube amalunga omndeni kumbe izihlobo.

Umcimbi wokuthelelana amanzi

Uma labo abathelelana amanzi sebexolelana sebeyikhulumile naleyonto ebikade ibaphambanisa ngemibono, baye baphume ngaphandle kwesango namanzi amancane ngesitsha esincane nemali emhlophe bafike bayifake phakathi bese bobabili bahlambe izandla ndawonye, qede bobabili bawachithe lawomanzi kanye nemali. Ngesikhathi behlamba bathelelana amanzi ezandleni futhi bahlambane, phezu kwayo njalo belu imali le esemanzini. Kubeke sekuthi omunye umuntu wesithathu ongangene odabeni lwalaba ababili kube nguyena obe esechitha lawo manzi nemali kusale kanjalo khona lapho phansi ngaphandle kwesango lomuzi. Labo ababili abakade bexabane uma sebeqedile ukuhlambulekelana ngokukhuluma babonisane kahle futhi bagcine bezwene, babe sebexhawulana.

Ukuthelelana amanzi lapho omunye wabaxabene esedlule emhlabeni

Kuyenzeka kwesinye isikhathi omunye wabaxabene ashone kungakahlambulukelwana. Lona osele osaphila uma ukuphambana phakathi kwakhe nomufi kuqhubeka kumhlupha emoyeni, usengalulungisa udaba ngakho ukwenza usiko lokuthelelana amanzi. Lowomuntu onesifiso sokulungisa inkinga uyaye akhulumisane nomndeni noma nomzali walowo ongasekho. Uma bengasekho abazali uyaye akhulume nabafowabo noma amanye amalunga omndeni abachazele ukuthi unenkinga afuna ukuyilungisa eyenzeka phakathi kwakhe nomufi esaphila.

Labo bangakubo kamufi banikwa ithuba babuze imibuzo abafisa ukuyibuza ukwazi kabanzi ngodaba oludinga kuthelelwane amanzi ngalo. Ilunga elilodwa emndenini kamufi libe selicelwa ukuthi limele umufi lapho kwenziwa inhlawulo. Uma kunesidingo kuyaye kuqalwe kuyiwe empephweni ngenjongo yokukhuluma nomufi achazelwe ukuthi kuzolungiswa amaphutha akhe kumbe ukuphambana kwakhe nosibanibani osaphila abaye bamusho ngegama lakhe. Lowo omele umufi uphuma nenkukhu kumbe imbuzi kuyiwe lapho kwenzakala khona isigameko esilungiswayo, bese lowo omele umufi ashise impepho ebe echazela lo amumelele ukuthi seluyaungiswa udaba.

Uma ngabe kunento eyenzeka phakathi kwekhaya nizalana noma niyizihlobo, niphuma  nikhulumele ngaphandle niqede khona bese nibuya senizoshisa impepho nibulale izilwane zalowomcimbi. Kube sekukhishwa izinyongo kanye nomswani walezo zilwane kufakwe emanzini labo abenza umcimbi wokuthelelana amanzi bageze ngawo.

4 thoughts on “Ukuthelelana amanzi”

  1. Kusho ukuthi ukuphapha umnakwenu eningazwani naye esenomnunye umnakwabo ambangisayo endodeni

    Reply

Leave a Reply