Izimpahla zokudla nokudlela (Ingxenye yesibili)

Sisekuyo ke indaba yezimpahla zokudlela zesintu. Sike sabhunga ngayo ngaphambilini ngaphansi kwesihloko “Izimpahla zokudla nokudlela (Ingxenye yokuqala)”. Manje ke sinethulela izimpahla ezakhiwe ngoselwa, bese ngemuva kwazo sivale ngezimpahla ezakhiwe ngotshani.

Uhlu lwezimpahla ezakhiwe ngoselwa

  • Ibhanqa yigobongo okwakuthwalwa ngalo utshwala uma kukhona lapho obuhanjiswa khona, lona ke linomlomo omkhulu ovulekile.
  • Igobongo wuselwa olukhihlizwe phakathi, kwenziwa umlomo ovulekile. Leligobongo kuthiwa lwalugcina izinto eziwuketshezi njengamanzi, utshwala kanye namahewu.
  • Igula ngelokufaka amasi ukuze avuthwe kahle, kusikwa uselo phezulu noma isiklongo esomile, sikhishwe konke okuphakathi okuyizinhlamvu zesiklongo, ngemuva kwalokho luhlanzwe kahle ngamanzi. Igula lisebenza kahle ngoba liyavalwa phezulu ngehleza lommbila ukuze lungafaki umoya konakale amasi.
  • Ihenge yigula elinomlomo ovulekile okugcinwa kulo utshwala.
  • Umfuma yigula eligcina izigcobo zezidwaba kanye namakha.
  • Umphatha wuselwa olugcina izinto eziphuzwayo, uyenziwa futhi nangokhuni kanye nangodongwe.
  • Inkezo kukhiwa ngayo amambawu (utshwala) uma evutshelwe, iyenziwa futhi ngokubazwa ngokhuni.
  • Iphaphasi ngelokuphatha ukudla, lwenziwa ngokupaqaza uselwa lube izicaba ukuze kuzokwazi ukuthi kuphathwe ngalo ukudla.
  • Isigubhu ngesokukha amanzi, kufakwe kuso amahewu noma kufakwe kuso umqombothi.
  • Isihlali ngesokugcina ubisi.

Uhlu lwezimpahla ezakhiwe ngotshani

Umsebenzi wotshani muningi ngoba ngisho lapho kwakhiwa izindlu kusikwa bona utshani kufulelwe ngabo. Umsebenzi wotshani awugcini ekufuleleni izindlu nokuzakha kodwa ukubaluleka kotshani kuhamba kuze kufike ezimpahleni ezisetshenziswa endlini ekuphatheni ukudla okudliwayo.

  • Ihluzo lenziwa ngotshani noma ngelala, umsebenzi walo wukuvova utshwala uma bugayiwe. Ivovo uma likhandwa kusikwa utshani bese kugawulwa ugodo okuthungelwa lobotshani phezu kwalo. Kushiywa imbobo phezulu noma isikhala esingesikhulu kakhulu okuyilapho okuthelwa khona utshwala uma sebuvovwa. Inhlesa ephuma kuvovwa utshwala ibekwa eceleni ukuze ibuye isetshenziswe uma sekugaywa obuye utshwala futhi.
  • Imbenge yisitsha esingumncengezana esinabile, isetshenziswa ukuvala ukhamba lotshwala noma lwamasi.
  • Umkelo yisitsha okudlelwa kuso esikhudlwana kunembenge.
  • Ingcazi yisitsha sokuphatha amanzi
  • Ingcelu ngolunye uhlobo lwembenge enomlomo ovulekile, icishe ifane nayo imbenge.
  • Inqolobane idume kakhulu KwaZulu ngoba ifana nethala, yakhiwa ngezingodo ibe yinde bese ifulelwa ngotshani. Yona ke igcina ukudla okuvunwe emasimini; njengommbila, amathanga, amabhece kanye nezinye izivuno.
  • Iqoma lisetshenziswa ukuthwala ukudla.
  • Isampompo yinto efana nesikhwama esihlala izinkezo zomnumnzane, sihlotshiswa kahle ukuze sibukeke.
  • Iquthu yisitsha esikhulu esakhelwe ukuphatha umphako noma kudlelwe kuso, lokho kuya ngokuthi singakanani ngokwesisindo.
  • Isichumo yisitsha esisetshenziswa ukuphatha utshwala esakhiwa ngelala, sinomlomo omncane ocijile.
  • Isikhetho ngesokukhetha utshwala uma bunokungcola phakathi. Buyakhethwa utshwala buphinde bugovuzwe ukuze buphiwe abantu.
  • Isikhwama sakhiwa ngesundu leli elikhipha inqayisundu edliwayo uma isivuthiwe yaba nsundu. Sona ke sifaka izinto ezifana nezinkezo nezinye izimpahla zokulungisa ukudla.
  • Isilulu isitsha esikhulu sokugcina izivuno kanye nezinkukhu.
  • Isiqabetho yiqoma elikhulu elinesinqe esibanzi.
  • Isiqungqu isitsha esikhulu eselukwe ngotshani esakhelwe ukugcina ukudla.
  • Isithebe yisiceshana okugayelwa noma kuphakelwe kuso ukudla.

Lezi zimpahla ezibalwe lapha zingezinye zalezo ezisetshenziswa ekhaya ukwenza, ukulungisela kanye nokubeka ukudla kugcineke kahle ukuze kungonakali, futhi ziyasetshenziswa nalapho kuphakwa.

6 thoughts on “Izimpahla zokudla nokudlela (Ingxenye yesibili)”

  1. Ngiphuphe ngiphethe izitsha ezifayo kanti njalo ngiyaziwisa zife, lokhu ephusheni sengikwenze izinsuku eziningi zilandelana.

    Reply

Leave a Reply