Izaga ngokuzimela

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zisho ukuthini izaga ngokuzimela? Uzibonakalisa ngamabala amahle – Indlela oziveza ngayo kubantu, okungabalwa nokuziphatha ngobuntu yikhona okukwenzela ugazi kubantu, kanti futhi yikhona okungakwenza uzuze okuhle. Ukuzigeza, nokwenza konke okuhle emzimbeni wakho nakubantu, yiwona amabala okuthandeka lawo okukwenza izinto zikuhambele kahle ukwazi nokusizwa. Umpheki udla intuthu – Lesi saga sihambiselana nalesi esithi ‘isikhuthali sidla ukukhuthala’, zombili … Read more

Izaga ngobugebengu nokujeza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zisho ukuthini izaga ngobugebengu nokujeza? Kakucala laswela izaba – Uma wenza izaba usuke usuwenza nje, noma ubona kuthi lento oyenzayo ayisenamphumela othile. Lenkulumo izimpande zayo zisekutheni uma umuntu esesesigcawini ethweswe icala ubeka lokhu nalokhuya ukuzihlalula kulelo cala, yize noma kusuke kubonakala ukuthi uyena owenze lelo cala. Usuke esebeka izaba, bese kuqhamuka lenkulumo ke ethi alikho icala … Read more

Izaga ngobungane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zisho ukuthini izaga ngobungane? Uchakide uhlolile, imamba yelukile – Kulesi saga kushiwo lapho izingane ziganga ekhaya kungekho muntu. Kuthathelwa kuchakide okuthiwa wayenza imikhuba yokugcwaneka endulo, lapho ebeke emakhaya kuhanjiwe. Phela kuthiwa yena wayebeka nemizi yezimamba, neyamazimu, neyezalukazi agange asho, eyedwa. Injalo iphuma edunjini – Injalo imbewu yesithelo okuthi uma itshaliwe iphume ifane naso isithelo leso. Lesi … Read more