Izithakazelo zakwa Sikhakhane Clan Names

Mboma kaMqhele,
Mathula,
Nzimase,
Sdwaba esinembobo,
Wena sango elingezantsi, lapho besa khona imilomo,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha,
Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni,
Wena kaSoqhafuza, umlung’ odla izinkobe,
Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo,
Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni iyalikhahlela,
Wena okhishwa ngenoni emgodini,
Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela,
Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse,
Wasuka lapho waxoshiswa ngokaSenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo,
Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kunguNodumehlezi kaMenzi,
Mboma, wena wase Nkandla!

9 thoughts on “Izithakazelo zakwa Sikhakhane Clan Names”

  1. Othi Mavela
    Nzimase
    Shoni kaNyezi
    Kasomaphindikaz
    Bhecwanl ngobende inyama ungayidlanga SIKHAKHANE OMKHULU

    Reply
  2. i’ll be very if you may add some of the lines on this version of Sikhakhane’s phrase ..
    Makhawula kaNaka , Mbhil’emhlophe yamakhosi, zinqe ezilingene ukuhlala, Mbhesa, Ngungwana kamanyama.

    Reply
    • Saw’bona Jabulani. Ngethembe ukuthi uphilile. Can you tel me about the history of this clan SIKHAKHANE or refer me to a good history source and I’ll do the rest. Please

      Reply

Leave a Reply