Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane
KwaNephu KwaLamula
Nyawo zigezwa ngamazolo
Ninenivuka nixubhe ngelala
Shongololo!
Ngabe siyakudla sesab’ imilenzelenze
Nyawo zeshongololo kaziphumuli
Sigampu!
Ngwane Ingwani ngwadi
Abayibone ngeso ukuthi iwelile
Jali! Ninenilala nomunwe
Nivuke nikhwifilanga
Mmemezi kaHlangabeza.
Hellew Good poeple cela ningisiza ngezethakazelo zalwaNtobela please
Yobe! Sengathi asikabi nazo izithakazelo zakwaNtobela.Uma ngabe ubuqonde izithakazelo zakwaNtombela, Awu! Sinazo! Izithakazelo zakwaNtombela nazi lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwantombela/ Sinawo ngisho umlando wesibongo sakwaNtombela, funda lapha: https://iafrika.org/umlando-wesibongo-sakwantombela/ Kodwa-ke futhi Godide! Mphemba! Ndlela kaSompisi! Ubuwazi nje ukuthi kulenkundla sinawo nomlando wakini kwaNtuli? Bheka lapha: https://iafrika.org/umlando-wesibongo-sakwantuli/ Sinazo futhi nezithakazelo, nazi: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwantuli/
Hello good people ngicela ongangisiza ngezithakazelo zakwa Phakathi mhlambe kuyahluka ngokuthi uqhamukaphi ,mina ngathshelwa ukuthi kuyiwa phakathi mnguni wana omabele amade and lisa mgaphesheya komfula so lesi engisithola la ku google sihlukile
Nonkosi! Mashwabada! Wena owashwabadelizindlubu namakhasi!
Njengoba ucelile, nazi izithakazelo zakwaPhakathi, bheka lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwaphakathi/
Ngazizwa ngiyinkosi
Siyakubongela Ngcolosi! Uyiyo inkosi.
Ake usicobelele, uma kuthiwa: “Shongololo! Ngabe siyakudla sesabimilenzelenze. Nyawo zeshongololo kaziphumuli”
Zisha ngani ngabantu bakwaBhengu namashongololo?
Ngiyakuthanda kakhulu ukwazi Imvelaphi yasekhaya komama kwaBhengu kanye nomlando ngokuzalana kwabantu nakhona ukusuka koJali kuza koNgwane.kanjalo kanjalo nje.Ngisemncane kodwa ngifisa ukwazi lukhulu ngomlando wakithi.
Zazi imvelaphi yakho nokuthi uwubani, thina samaShongolo
Mina ngingu Langa, Ngwane, Sothole, Sodumase Mcwayi, Nyongo yendlovu
Lalela nazi izithakazelo zakini kwaLanga: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwalanga/ Ufunde nawu umlando wakini kwaLanga: https://iafrika.org/umlando-wakwalanga-i/