AbaseMbo Bhengu Buthelezi Chamane Dlamini Dubazana Dube Gatsheni Gumede Gwala Hlengwa Imiphakathi Izibongo Izigodi Khanyile Khuzwayo Mabhida Manqele Mbatha Mbonani Mkhize Myeni Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Shembe Shezi Zondi Zulu

Izithakazelo ZakwaPhakathi

Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.

6 thoughts on “Izithakazelo ZakwaPhakathi”

  1. Ingabe ukhona yini owaziyo ukuthi bukhona na ubukhosi ba Kwa Phakathi.
    Thina si la e Swazizi sizwa ngandlebenye ukuthi buse Natali.
    Izithakazelo zethu zithi
    Phakathi
    Nyandeni
    Mashobane
    Nkondlwane
    Sila zitha ka Sthole
    Inkodlwane eyafela futhi kubafokazana
    Unobulawa yindlala yemikhonto abanye bebulawa eyamabele
    Nonkozi
    Mpangazitha

  2. Cha impela dadewethu abakhona kaZwide kufaka noManqele . Kuyenzeka abantu bahumushe ngezindlela zabo kodwa iqiniso limile ekutheni uPhakathi udabuka kwaNxumalo . NoMasuku uyangena lapho . Ngiyethemba usizakele MaMncwango .

Leave a Reply

Sign up for updates