Amadlozi ayahlukana ngokwemisebenzi yawo. Kukhona amadlozi akhanyisayo ekhaya enze izinto ezinhle, kuqhakaze ekhaya. Bese kuba khona nawo ke lawa aletha isihlava esibi ekhaya izinto zingahambi kahle, kulale ikati eziko impela. Ngisho emasimini kube nesikhowane kungalungi lutho kokutshaliwe.
Umdliwa ke ilamadlozi asekhaya afika nesinyama kungalungi lutho egcekeni. Kuyaba umuntu wasekhaya owashona ngendlela ethile noma ngesikhali wangagezwa, afike esevala izinto ekhaya. Kanti ke kwesinye isikhathi kuyaba isipoki esifakwe egcekeni abantu abagangayo kube ngathi idlozi lasekhaya, kanti umuntu wangaphandle oze ngokubi. Umdliwa kuba idlozi elibi ekhaya elifika lembatha umuntu noma umuzi wonke ngenhloso yokukumoshela impilo yakho noma ukuphila kwalowomuzi. Kuyaba ilababantu abahamba emhlabeni benza izinto ezimbi, mhlambe kade enenkani noma kuwumuntu nje onenhliziyo embi. Ingakho ke abantu begcina bewavala lawomadlozi ekhaya ngoba kusatshelwa ukuthi uzoba isihlava esibi ekhaya noma enze izinto ezimbi njengokuvala izinhlanhla egcekeni.
Nampa ke abantu abagcina bebe imidliwa ekhaya, kuba umuntu owahamba ekhunkula ekhaya enza imisebenzi yobubi. Kuba umuntu owayebulala, engaziphethe kahle okusho ukuphinga noma kwakuwu muntu ophuza ngokweqile. Akekho ke umuntu osuke efuna ukuthi kube nedlozi elibi ekhaya ngoba wonke umuntu ufuna kukhanye ekhaya. Lelidlozi ke kumele kwenziwe izinto ngendlela yakhona ukuze lingenzi kabi ekhaya. Kwesinye isikhathi kuphethwa nangakho ukuthi likhishwe ekhaya ngoba uma lingakhishiwe lenza umonakalo omkhulu kuloyo elisuke limsingethe noma egcekeni lonke nje. Into efaka umdliwa ngaphakathi ekhaya uma kade ungaphandle kuyaba ukuthi uma umuntu elanda abantu abadala ekhaya ngokomsebenzi wakhona bengagezwa ngendlela efanele. Esihlokweni sokulanda kwabadala/amadlozi sikubalulile ukuthi amadlozi ayagezwa, umdliwa wona ke usuke ungagezwanga wabe esengena ekhaya kulandwa bona abadala.
Ukugezwa kwedlozi elibi
Amadlozi uma egezwa kuba nomsebenzi wakhona owenziwayo wembuzi, kuhlatshwa imbuzi yokubahlukanisa kepha ingadliwa. Lelidlozi elibi liyakhipheka ke kodwa ekhaya kepha akubi umsebenzi onzima osuke usudinga umuntu owaziyo olapha ngamakhambi esintu. Uma ke usuwenziwe umsebenzi wakhona izinto ziqala phansi zikhanye ekhaya ngoba phela umsamo usuke usuhlanzekile. Ziningi ke izinhlobo zemisebenzi engenziwa ekhaya ukulungisa indaba yamadlozi amabi, lana singabala sisuka ekuwagezeni, uwahlukanise kwamanye amadlozi ngokuthi uwalahle angabe esaba yingxenye yasekhaya, kanye nakho ukuthi uwacelele uxolo kwamanye amadlozi ekhaya ngenxa yezenzo zawo.
Sawubona Uma kuthiwa izinto zakho zivalwe idlozi lakubo koyise linomona namachala ,mele ngilisuse kuphakame kwelako malume kwenziwa njani
Sawubona, le athilikhi analog ulwazi esigabeni sensibility ngokugezwa kwedlozi elibi noma ungaya kwababonayo.
https://iafrika.org/idlozi-elibi-umdliwa/
Sawbona, bengicela ukubuza uma kuthiwa izinto zam zivalwe amadlozi kumele ngenze njan
Sawubona Ayanda, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/itiye-lesintu-labadala-iladi/
Uma uphupha igujima uze wendlule ekhaya kube waxoshwa
Sawubona, sicela ubheke lapha: https://iafrika.org/amaphupho-ngokugijima/