Itiye lesintu labadala/Iladi

Izinto ezithinta isintu, amasiko kanye nosikompilo lwesizwe samaZulu kujule kakhulu futhi kunonile njengoba nabalobi abahlukahlukene abaloba ngakho besina bezibethela ngolwazi lwamasiko kaZulu kanye nendlela esiphila ngayo. Amasiko lawo ajulile njengoba ethinta imvelo, izilwane, kanye nabantu abaphilayo nabangasekho njengoba bubuningi ubudlelwano obukhona phakathi kwalezinto ezibalulwe lapha. Njengoba ngisho nengane ekhasayo ekhulela esintwini yazi ukuthi kuyadliwa, nabantu abadala ke abangasekho bayadla nabo ngendlela yabo eyenziwa ngokwesiko. Ukudla kwabantu abangasekho lokhu ngokujwayelekile kubizwa ngokuthi “Itiye”, okuwukubapha ukudla okanye “itiye lesintu”. Ziningi futhi zahlukahlukene izizathu ezenza abantu ukuthi baphe abadala (amadlozi) ukudla noma benze itiye ekhaya.

Izizathu zokwenziwa kwetiye labadala

Esinye sezizathu zokwenzela abadalal itiye wukukhombisa ukubonga. Amadlozi ayabongwa lapho umuntu izinto zimhambela kahle, kuyabongwa ukuthi amadlozi akusingathile akuvikela emimoyeni emibi, ezingozini zemigwaqo kanye nokubonga ukuthi abadal bakunike ngisho izinhlanhla imbala. Yizozonke izizathu lezi eziyaye zenze umuntu athathe isinqumo sokubonga abaphansi ngetiye.

Indlela itiye labadala elenziwa ngayo

Itiye leli liyenziwa ngembuzi okanye lenziwe ngenani elithile lezinkukhu kodwa ke akunampoqo ukuthi kube imbuzi noma izinkukhu kuya nje ngamandla alowo osuke enza lelotiye. Ekuqaleni nje kuqala ngokuba kushiswe impepho emsamo kubikwe kwabadala injongo, inhloso noma isizathu sokwenza itiye. Uma kuwukuthi umuntu uyabonga noma wenza itiye ukucela izinhlanhla, bayatshelwa abadala ngalokho, ukuthi lokho kudla kwabo okwenziwayo kwenziwa ngubani futhi ekwenzela siphi isizathu.

Uma kwenziwa itiye kugaywa utshwala besintu obubizwa ngokuthi ‘umqombothi’. Kube sekulandela ngokuthi kuhlatshwe imbuzi leyo noma izinkukhu lezo okuzokwenziwa ngazo umcimbi. Isilwane leso esisuke sihlatshiwe sidliwa ngelanga elilandelayo lapho okuphekwa khona ukudla okuzodliwa nayo imbuzi leyo noma izinkukhu lezo. Imizi ke ayifani, kweminye imizi bayabamema omakhelwane uma kwenziwe itiye kanti ke kuloluhlobo lwemizi okuboshwa kulo inja nogodo, kuyona abakhona bazidlela nje bona njengomndeni bebodwa. Kuhle kubekwe obala ukuthi kwesinye isikhathi kuyaba yimpoqo ukuthi kwenziwe itiye ekhaya ngoba phela amadlozi awathunyelwa azifikela wona mathupha uma esefuna ukwenzelwa izinto. Isibonelo nje, kuyenzeka umuntu uma kukhona akunuka santungwana aye kwabanamanga ababhulayo, ngisho izanusi phela. Uma izanusi zishaya umhlahlo zibone mhlawumbe inkinga thizeni bese zibonisa lo ozoshaya umhlahlo ukuthi ekhaya kumelwe enze itiye akhulume nabakubo aneke izinqinamba zakhe kubo ukuze zizolunga, lapho ke umuntu usuke engalenzi itiye ngokuzithandela enhliziyweni yakhe kodwa kusuke kungabadala abazifikele kuye mathupha befuna ukunakwa.

Imizi lapho itiye labadala lenzelwa khona

Njengoba sidingida lendaba yokudla kwabantu abadala kuhle sikuneke obala ukuthi itiye leli lenziwa ezindaweni ezimbili noma emizini emibili okuyiyona ngesikhathi esiningi ephatha idlozi lomuntu, leyomizi isekhaya konina laloyo owenza itiye noma kubo lapho azalwa khona. Lokhu ke kwenziwa ngoba isintu side futhi sijulile, uma ingane izalelwe ekhaya konina yakhulela khona futhi mhlawumbe sithi nje ingathengiwe kepha igcine ngokulotsholwa, ngokwesiZulu leyongane kusuke kungeyakhona lapho ekhaya konina, okusho ukuthi izinto zayo zenzelwa khona lapho. Kanti ke itiye liyenziwa futhi kubo kwakhe umuntu lapho unina aganele khona uma kuwukuthi izinto zenziwa ngokuphelele kwesintu; njengokuhlawulwa, ukulotsholwa nokuthi abazali bayo leyongane bagcagca zawushaya kwaphelela konke. Lowomuntu ke itiye ulenzela kubo yena ngoba phela isintu siyamvumela.

19 thoughts on “Itiye lesintu labadala/Iladi”

  1. Sawubona ngicela ukubuza ngingalenza itiye ekhaya nakomalume ngesikhathi esisodwa ngisho ngoba ikhona indlu nakomalume la egcekeni ngenza kanjani

    Reply
      • Sawubona, yebo uyayishisa. Lokhu kwenzeka ngoba angeke akwazi ukucela abafana noma abantu besilisa bakomunye umuzi ukuba bazothetha idlozi lasekhaya. Umsamo ithala lasekhaya okumele kungangeni muntu ongelona igazi kuwo.

        Reply
  2. Ngisacela ukubuza uyakwazi Umuntu obhulayo abeygxenye yomsebenzi we tiya njengoba esekwazisile phela ukuthi abadala Kukhona abakudindayo

    Reply
  3. Ngingakwazi kwenzi ladi flatini laphe ngihlala kona ngoba ikhaya anginalo kwamanje ngisazama kuliphemba.

    Reply

Leave a Reply