Ukuphupha uculelwa umculo wokujabula njengo Maskandi, Hip Hop, Afro soul, Afro Pop kanye neminye yemiculo abantu abazithokozisa ngayo kungasho ukuthi kukhona izinto ezinhle ezizokuthokozisa, kukhona izibusiso ezizayo.
Ukuphupha uculelwa noma ucula amaculo ebandla elithile, ngokwesibonelo izihlabelelo zakwaShembe, kungasho ukuthi unesithunywa sakhona, kufanele uyokhonza khona.
Ukuphupha ucula amaculo okholo kungasho ukuthi ungabe usakhathazeka ngezinkinga zakho, thandaza wethembe uNkulunkulu uzokunqobela. Kwesinye isikhathi ukucula izingoma zokholo kungasho ukuthi weneme futhi isikhathi sakho sokujabula sesifikile.
Ukuphupha uculelwa abantu bebhimba kungasho ukuthi uzobhekana nezingqinamba empilweni. Uma uphupha ucula wena usendleleni uhamba kungasho ukuthi uzothola indlela yokuziphilisa.
Ukuphupha uculelwa abantu begcwele injabulo kungasho usizi ozobhekana nalo, okungaba ukugula noma ukushona komuntu osondelene naye. Ukuphupha abantu becula kungasho ukuthi labo bantu basebenza ngokubambisana ukufeza izifiso zabo, kanti uma becula izingoma zokholo kungasho ukuthi benza okulungile noma banezinhloso ezinhle.
Kwesinye isikhathi ukuphupha uculelwa amaculo okholo kungasho ukuthi kumele udumise uNkulunkulu futhi umbonge ngokunqoba nokukuhlenga.