Ukuphupha uxabana nomunye umuntu kungasho ukuthi ufihla indlela ozizwa ngayo ngalowomuntu noma awazi ukuthi ukuveze kanjani lokho futhi kuyakuhlupha emoyeni.
Uma uyindoda uphupha uxabana nowesifazane kungasho ukuthi uzongahlonishwa, ulahlekelwe amandla nesithunzi kubantu osondelene nabo.
Uma uxabana nomakhelwane kungasho ukuthi kunabantu abahlangene kabi ngawe, abahlose ukukwenzakalisa.
Uma uphupha uxabana nomngani wakho kungasho ukuthi kukhona umuntu ozokuzwisa ubuhlungu futhi uzofuna ukuziphindiselela.
Uma uphupha uxabana nomama wakho kungasho ukuthi uzobhekana nezinkinga nomndeni wakho.
Uma uphupha uxabana nobaba wakho kungasho ukungabi nayo inhlonipho kubantu abadala, kanti ukuphupha uxabana nabafowenu nodadewenu kungasho ukuthi kukhona abakucasule ngakho.
Uma uphupha uxabana nomuntu ongamazi kungaba isexwayiso ukuthi bheka indlela oziphatha ngayo nokhuluma ngayo nabanye abantu, bangakulimaza.
Uma ungowesifazane oshadile uphupha uxabana nomyeni wakho kungasho ukungabi bikho kwenjabulo nokuthula emshadweni wakho.
Ukuphupha uxabana nomuntu othandana naye noma umyeni wakho kungasho ukuthi kunezinkinga zesikhathi esedlule eningakazixazululi noma ezingakuphethe kahle emoyeni.