Amaphupho ngokuphalaza/ukuhlanza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha umuntu ongasekho ephalaza noma ehlanza kungaba wuphawu lokuthi uwumuntu osephelelwe, odlula ezikhathini ezinzima noma kungase kube nesifo ekhaya. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi uzoba nokukhululeka ezimweni ebezingakuphathi kahle.

Ukuphupha ubona omunye umuntu ehlanza kungaba wuphawu olusho ibhadi lungasho nokuthi ungase uhlangane nomuntu ongamthandi. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi kubalulekile ukuthi wehlulele umuntu ngesimilo sakhe, unganaki amazwi.

Uma uphupha udla ubuhlazo bakho kungasho ukuthi uwumuntu ongafundi emaphutheni akho, kwesinye isikhathi kungasho ukuthi sukuma ngoba bakugadla ngesichitho esibi sedliso.
Uma uphupha uhlanza wena kungasho ukuthi waqola abantu amafa abo ngokungafanele. Kwesinye isikhathi kungasho ukuthi thatha kuphela lokhu okudingayo empilweni.

Ukuphupha uhlanza kungasho ukuthi shintsha indlela owenza ngayo ngoba ungalahlekelwa okuhle onakho. Kungabuye kusho ukulapheka ekuguleni okukuphethe noma ukuhlukana nabantu ababi empilweni yakho. Ukuphupha ubona ubuhlazo kungasho isichitho noma ukwanda kwemikhuba emibi.

3 thoughts on “Amaphupho ngokuphalaza/ukuhlanza”

  1. Ngiphuphe kungathi ngiyobona umuntu wesizulu lomuntu uma efika ethi uyaqala nje uyangihlolela ngamane ngaphalaza amanzi aqale aba yellow abuye ashintsha abakuhlaza sasibhakabhaka agcina esemhlophe sekuphuma namathe sengilokhu ngiphimisa phansi.

    Nakhu engikuqaphele ngaleliphupho, ngesikhathi ngiphalaza lomuntu ubeyithatha lembala njengomuntu ozongisiza ngayo.

    Okwesbili, besisekhaya emanxuweni lapha ngakhula khona futhi bekunosis bami kanye no mzala.

    Reply

Leave a Reply