Ukuphupha ngesithandwa sakho
- Kuwuphawu oluhle uma nixabana ngoba kungasho ukuthi ubudlelwano benu buzoba nokuthula, uxolo, ukubambisana nanye nenjabulo.
- Ukuphupha nixabana, nibe nivele nixabane ngempela kungasho ukuthi nizokwazi ukuxazulula inkinga yenu.
- Uma sigqoke izingubo zakho kungasho ukuthi sinothando lweqiniso futhi sizimisele ngawe, kanti uma uphupha ulinganisa izimpahla zesithandwa sakho futhi zikulingana kungasho ukuthi uthando lwenu luzothuthuka lube ngcono.
- Uma usiphekela ukudla okumnandi kungasho ukusikhathalela, nokukwazi ukusinakekela nokusanelisa.
- Ulungisa noma ushanela endlini yaso kungasho ukuthi uyazihlupha ngaso futhi uyaqikelela ukuthi ubudlelwano benu buhlale buhlelekile bungabi nezinkinga ezingaholela ekutheni nehlukane.
- Uma sikwala kungasho ukuthi uthando lwenu luzoqina ngisho kungakhona abanifisela ukwehlukana ngeke baphumelele.
- Uma nijabule nesithandwa sakho uphawu olubi olungasho ukuthi kuzoba nesimo esizokwenza ubudlelwano benu bube muncu futhi ningase nehlukane.
- Uma nilele nizithokozisa ngocansi kungasho ukuthi kukhona onigadla ngesichitho noma isilwane futhi uma ungasukumi ufune usizo ningagcina nehlukana.
- Ukuphupha umuntu wakho ekujolela kungasho izinto eziluhlukile.
- Uma ulahlekelwa isicathulo saso futhi usicinge ungasitholi kungasho ukuthi sizokwala kungekudala.
- Sidakiwe kungasho ukuthi asiyena lomuntu ocabanga ukuthi singuye nokuthi kunabantu abamdukisayo futhi uyabavumela.
- Uma uphupha usibamba sikujolela kungasho ukuthi uthembekile kuwe futhi ungumuntu oqotho.
Ukuphupha isithandwa sakho sikunika izimbali
- Uma zibomvu kungasho ukuthi uthando lusavutha phakathi kwenu futhi luzophumelela.
- Uma zimhlophe wuphawu oluhle olungasho ukuthi lindela ukuthola isicelo somshado, nokuba nesikhathi esimamnandi futhi esijabulisayo.
- Uphawu olubi uma kuwukuthi sikunika izimbali ezibunile kungasho ukuthi sesisondele isikhathi sokuphoxeka, ukudumala, ukuphela kothando noma isahlukaniso.
Ukuphupha isithandwa sakho sikushaya
- Kuwuphawu oluhle olungasho ukuthi nizoba nokuthula ngemumva kwezinxabano eningaba nazo, kwesinye isikhathi kungasho ukuthi singahle sikuhlambalaze noma sikhulume amazwi azokululaza.
- Kungaba wuphawu olubi olusho ukuthi isidalwa sakho aseneme ngawe ngendlela oziphethe ngayo.
- Kungasho ukuthi isithandwa sakho sinolaka nentukuthelo esingahle liyikhiphele kuwe.
- Kungasho ukuthi thandaza ngoba uhlaselwa isilwane esizokwenza nibe nezinkinga.
Uma uphupha sthandwa sakho sikunika imali eyamaphepha Ningi
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngemali nobugwili
Thank you, your feedback is greatly appreciated.