Amagama Ezingane

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo.

Izingane ziyisisekelo sanoma ngabe imuphi umuzi, phela emzini onengane yiyona okuyikusasa lawo ngoba phela izingane izona siqu somuzi, abazali bazo bona-ke kanti singababiza ngezimpande zawo lowo muzi. Kusuke kuyishwa lokugcina impela ukuthola ukuthi kubashadikazi kukhona ongaphiwe inzalo ngoba lokho kusho ukuthi abazona nalo ithambo labo elithi bona. Ziningi izaba ebezenziwa emandulo uma kubonakala ukuthi abantwana abatholakali kubantu abathandanayo, okunye bekuwuba ukuhamba laba bamanga ukuyothola ikuthi ngabe inkinga ikuphi, ukusetshenziswa kwamakhambi esintu ukusiza, ngisho nakho ukuthi umnumnzane athathe unkosikazi wesibili uma kuwukuthi mhlambe umlobokazi onenkinga yokungabatholi abantwana kanti-ke uma kuyindoda nakhona bekukhona izaba ezenziwayo ukulungisa leso simo. Izingane-ke azitholakali ngendlela eyodwa noma nje ngithi efanayo, kukhona ezitholwa amantombazane ekhaya engaganile, kube khona nabantwana abatholwa emshadweni. Noma kuhlukene-ke ukutholakala kwabantwana nezimo abasuke betholwe ngaphansi kwazo zingafani kepha zonke izingane ziyisibusiso sikaMvelingqangi namathongo asuke ebusise ngazo. Kuleli khasi siphenya udlubu ekhasini sibhunga ngokuzalwa kwabantu kanye namagama ababizwa ngawo uma sebezelwe ngokwezimo abazalelwe kuzo ekhaya.

Nalu-ke uhlu luyalandela-ke lana ngezansi:

Ilongwe

Into emnandi ngesiZulu ukuthi igama negama linesihloniphiso sakhona ngoba phela kukhona amagama angashiwo ngembaba ngenxa yobucayi bawo. Uma sikhuluma ngelongwe sikhuluma ngengane ebelethwe umakoti eseganile kodwa okungesiyona ekalo mnumnzane akamganile, ngamafuphi nje singathi ingane etholwe umakoti engashadile, noma ngegama elilumelayo nje akayithole ephinga. Le ngane ngoba isuke ingaziwa ukuthi ekabani ifaniswa nelongwe lenkomo esibayeni uma ziningi ngoba phela akwaziwa ukuthi elayiphi inkomo kulo mhlambi osuke ugcwele esibayeni. Elinye igama layo ibizwa ngokuthi ivezandlebe, kuyihlazo elikhulu impela ukuthi umlobokazi alethe ivezandlebe ekhaya, uma kwenzekile lokho, uphindiselwa kubo ayobika ukuthi wenzeni emzini, uma esebuya ubuya nenkomo yokuzohlawula aphinde ageze lomuzi akawuthele ngehlazo. Uma kuwukuthi umkhwenyana wakhe akasafuni baqhubeke ngokuhlala ndawonye, wakha indlu ngaphandle kancane nje kwasekhaya lapho akazohlala khona lo nkosikazi obese gangile waletha ivezandlebe ekhaya, lokhu kwenziwa ngoba phela ngokwesintu asikho isehlukaniso njengoba sikhona kwisilungu kepha umuntu uma egangile ukhishelwa ngaphandle kwekhaya.

Umlanjwana

Amanye amagama esiZulu ayalumela ukubizwa kwawo njengalo leli elithi umlanjwana, umlanjwana-ke lona ingane etholwe intombazane ekhaya ingakaganwa. Le ngane ibizwa ngokuthi umlanjwana nje ingoba ekuzalweni kwayo iphakathi nendawo, ngalokho sisho ukuthi iphakathi nemindeni emibili. Owokuqala ilona ezalelwe kuyo okuyikubo kukanina wakho/ekhaya kubonina, kanti-ke umndeni wesibili ephakathi kwawo ilona kayise. Okwenza ibe phakathi nendawo ukuthi noyise wayo usengayikhokhela ngokuyilobola ibize isibongo sakubo kwayo, uyise usengamlobola aphinde amshade unina wayo iguquke ibize isibongo sikanina, kanti-ke futhi uma uyise wayo engenzi lutho okufana nokuyilobola okanye alobole unina iyaqhubeka ibize isibongo sakomalume bayo. Iningi lezingane eziyimilanjwana isebenzisa kakhulu idlozi lasekhaya konina ngoba phela ilona eliba namandla.

Umgana

Abaziyo bathi umendo awugayelwa mphako ngoba phela akwaziwa ukuthi umuntu usuke uzomphatha kanjani. Ziningi-ke izinselelo ezibhekene nalaba abaganile futhi zehlukahlukene zinjalo ingakho umuntu nomuntu ezithwalela ugodo lwakhe emendweni akufani nokuthwala umyaba wezinkuni wona ongakwazi ukuthwaliswa omunye umuntu noma uthulwe omunye umuntu uma usinda kulona owuthwele. Kuyinto eyenzakalayo ukuthi ethi umuntu wesimame kade eseganile axakeke emendweni ngezizathu ezahlukahlukene, bese kuphetha ngokuthi ashiye lapho abeganele khona aphindela ekhaya noma akhe kwenye indawo. Okuthi emva kwalokho azitholele umuntu akazohlekisana naye bagcine bathole umntwana noma abantwana. Lezo ngane-ke zibizwa ngomgana, leli gama lisuka ekutheni unina walo mntwana usebuya emendweni ubeganile, ingakho-ke igama laleyo ngane kuba umgana kususelwa ekuganeni kukanina. Siyazi ukuthi umuntu uphahlwa amathongo emindeni emibili, owasekhaya konina kanye nelakubo kukayise. Lena yomgana-ke yona iyinkingana ngoba phela unina wengane usuke esakhishwa kubo ngokwesintu wabizwa isibongo salo muzi akayeganele kuso, lokho kusho ukuthi umgana ngeke ubize isibongo sikanina kanye nokusebenzisa lona ithongo lakoninamalume.

Kanti-ke futhi ngeke ibize isibongo sala obekuganele khona unina, lokho kusho ukuthi kugcina sekuba ngathi undinga ‘sithebeni. Umuntu akayilutho ngaphandle kwabadala, isisambululo somgana kuba ukuthi uyise wayo le ngane kumele ayihlawule, aphinde ayilobole kube eyakhe ngokusemthethweni khona izokwazi ukuthi yenzelwe izinto ngesiko lakubo kayise oyizalayo. Le ngane uma isilotsholwa izinkomo aziye ekhaya konina njengenjwayelo, kepha esikhundleni salokho ziya la ekade kuganele khona unina, phela kuzokhumbuleka ukuthi umuntu wesimame wayengalotsholwa kabili, lokho akusho ukuthi ngeke alotsholwe okwesibili kodwa kusho ukuthi izinkomo zokulobola yena zesibili azingabe zisaya kuyise nonina kepha zihanjiswa la ebiganele khona. Okunye esingeke sikushiye ngaphandle ukuthi kuyenzeka umuntu wesimame uma esethathwa okwesibili afike nezingane la akaseyoganela khona, lana-ke kuyabikwa ekhaya la akashadela khona ukuthi kukhona la akaseke wadlula khona, phecelezi ukuthi useke wagana ekuqaleni usephinda okwesibili, lokhu kusuke kubikwa kwabadala ukuze bazi ngezingane ezisegcekeni. Kodwa lokho akusho ukuthi lezo ngane sekumele zibe ezalapho ekhaya zishiselwe impepho ngoba phela zona zinamakubo azo Ngqo! La ezithethelwa khona idlozi lazo kanye nokwenzelwa izinto zamasiko azo aqondene nesibongo sazo sokuzalwa.

Leave a Reply