Ukuphahla indlela yokuxhumana noma yokukhuluma namadlozi okanye namathongo. Uyaphahla uma unezinkinga ezikuxakile empilweni, okanye uma kukhona ofisa ukukucela emathongweni,noma ufisa ukuphakamisa amandla amathongo (ukubonga okuhle okwenzekile). Uyakwazi futhi ukuphahla lapho kukhona ofisa ukukubika emsamu okungayinto ethile ohlose ukuyenza. Inhloso yokubika wukuthi lokho okufisayo kunganyelwe amathongo amahle nathanda inqubekelaphambili. Kanti futhi uma kwenziwa imicimbi ethinta umsamu kufanele kuphahlwe kukhulunywe namathongo. Isibonelo uma kwenziwa mhlawumbe umhlonyane okanye kukhona oshadayo ekhaya ngeke kungakhulunywa namathongo ukuze umcimbi usabele emsamu. Emandulo-ke bekuyinto yansuku zonke ukuphahla. Bekuyinjwayelo ukuthi uma luqala usuku kusempondozankomo uyaphahla ubike usuku ucele amathongo abe kanye nawe kuthi noma selishonile ilanga uphinde uphahle futhi ubike konke okosuku. Noma kungaselula ukuphahla nsukuzonke esikhathini samanje kodwa ungaphahla noma ikangaki akusiyo into engakalelwa isikhathi ngoba kuhle nj ukuhlala uxhumene namathongo akini nihambisane kukhukonke okwenzayo.
Ongakulindela uma uphahla ukuthi kufike amathongo ngephupho ezokhuluma nawe ngaloku ophahla ngakho okanye noma yini afisa ukukwambulela yona. Isikakhulukazi uma uphahla ngokuphehla umuthi mhlawumbe udla ubulawu, igobongo noma uthwasa isikhathi leso esilindelekile ukuthi kuzoba khona izikhathi lapho amathongo ezoziveza kuwe uvuke nezindaba ebuthongweni kepha-ke ngifisa ukucacisa ukuthi ukuphahla akusiyo into yezangoma okanye abelaphi bendabuko kuphela kepha wonke umuntu uvumelekile ukuphahla ngoba sonke sinawo amadlozi.
Isiyalo engingasidlulisela kubantu ukuthi uma uzophahla enza isiqiniseko sokuthi uhlambululekile. Izindawo ezinjengezi mpophoma nasolwandle isikakhulukazi ziba yingozi uma uzoya kuzo ungahlanzekile noma ungahlambulukile. Ukuhlanzeka kusho ukuzithiba ungayi ocansini noma wenze into ezokungcolosi ngokomoya. Futhi kuhle kakhulu uma uzoke ugeze nj noma igesiwasho okanye umuthi ngaphambi kokuba uye kophahla. Futhi uma uphahla kuhle ukungathemelezi kepha uhlale odabeni ukhulume into ecacile.
Izindlela ezahlukene zokuphahla
- Kukhona ukuphahla ngokuphehla umuthi. Isibonelo umuthi omhlophe noma ubulawu. Lapha kuthakwa imithi eyahlukahlukene ekwazi ukukuxhumanisa namathongo bese kufakwa nemithi ehambisana nokulungisa izinkinga eziqondene nempiloyakho.
- Uyakwazi ukuphahla usebenzisa utshwala besizulu ubuthele phansi emsamu bese ubiza amadlozi ukhulume nawo bese ke ushiya ukhamba khona lapho emsamu.Uma seluhlale izinsukwana usungaluthatha uchele ngalo egcekeni ukhulume namathongo.
- Uyakwazi ukuphahla usebenzisa izinsipho zontshwala besizulu. Kufanele lapho sezomile izinsipho ezisentshenzisiwe ukukhanda utshwala besizulu bese uzithatha uzisakaza egcekeni ube ukhuluma namathongo.
- Uyakwazi ukuphahla usebenzisa ugwayi wogogo lo owenziwe ngekhasi likagwayi nenhlaba eshisiwe. Ogogo bayaye bawufake emakhaleni okanye emlonyeni. Isibonelo, uma uphahla ngawo emalibeni akini uyawuvuvuzela phansi bese ukhuluma-ke lokho okusenhlizweni.
- Uyakwazi ukushisa impepho ukhulume namadlozi. Kodwa ke uma uyingane ekhaya kufanele ushiselwe yilowo ophatha impepho ekhaya ebese ekunika ithuba lokukhuluma ngaleso sikhathi. Impepho ke futhi iyaye ihambisane nesilwane esithile imvamisa okungaba inkukhu noma imbuzi.Uma kuzohlantshwa inkomo kuba nembuzi ekubikwa ngayo inkomo. Kuya ngokuthi nenza ini bese nisebenzisa isilwane esifanelekile.
- Uyakwazi ukuphahla usebenzisa amakhandlela. Kufanele ulibusise bese uyalikhanyisa ubize amathongo ukhulume loko ofisa ukukukhuluma. Uyakwazi futhi nokukhuleka usebenzisa amakhandlela. Imibala yawo imele okuthile ezweni lika moya.Ngizochaza lawa engiwazi kahle. Elibovu limele izitha kanye nobunzima. Elimhlophe limele ukukhanya. Eliphuzi/eliyelo limele amadlozi. Eli-brown limele amakhehla. Eli green-limele amadlozi akomalume. Eli-blue limele isithunywa. Eli-purple limele umnotho. Eliphinki limele imimoya yabantwana abachithekile noma bahamba emhlabeni besabancane.
- Uyakwazi ukuphahla empophomeni, olwandle kanye nasezintabeni. Lapha-ke uyakwazi ukusebenzisa impepho namakhandlela kodwa futhi akonakele lutho uma uzonikela ngemali emhlophe bese ubiza amathongo ukhulume nawo.