Ukungcwaba/Ukufihla

Ukuhamba komuntu emhlabeni kuba isilonda esingapholi kubantu bakubo abamthandayo kanye nezihlobo zakhe. Ngisho nakade kungabantu abephila nabo ngesikhathi sokuphila kwakhe basala begqemeke ingozi engeqiwa ntwana ngokudlula kwakhe emhlabeni. Uma ke sesifikile leso simo sokuthi umuntu usedlulile emhlabeni kuyaphoqa ukuthi kudlulelwe esigabeni esilandelayo esibizwa ngokuthi ukufihlwa kwakhe noma ngamanye amazwi kumele angcwatshwe. Ukufihla komdabu kwasendulo nokufihla kwesimanje akusafani neze noma kukhona okungakashintshi kodwa eqinisweni nje sekushintshe kakhulu. Izinto zamasiko zihambe zishintshe ngakho ukuhamba kwesikhathi ngenxa yokuthi nabantu bayayishintsha indlela abaphila ngayo. Lokhu kubangelwa ukuthi abantu bezizwe ezahlukene sebahlala ndawonye, lokho okwenza kube lula ukushintsha kwendlela yesintu. Kulengosi ke siveza ukuthi emandulo bekufihlwa kanjani.

Ngaphambilini emandulo kwaZulu umuntu ubefihlwa ngokuthi angcwatshwe ehleli engalele emgodini njengoba sekwenziwa manje, lokhu okungumkhuba wesilungu wokufihla. Uma umuntu esedlulile emhlabeni, ubehlatshelwa inkomo kanye nembuzi. Emva kwalokho, ubegoqwa ngaso isikhumba senkomo umzimba wonke mase kulandela ukuthi aboshwe ngezintambo kuboshwa sona isikhumba lesi agoqwe ngaso ukuze singeke siqaqeke nangephutha. Uba ke esefakwa emfantwini wedwala bese kuvalwa okanye kubekwe inkunzi yetshe khona kuzovaleka kahle indlu yakhe yokuvala iliba lakhe bese kuthi ngaphansi ngaphambi kokuba abekwe isikhumba sembuzi simele ukufa kwembeleko yakhe emhlabeni bese kuthi esenkomo simele ukubamba ukunuka kwakhe uma eseqhunyelwe inyongo. Umuntu uma esethule wangcwatshwa udliwa izilwanyana (izimpethu) aze aphele, ingakho ke egoqwa ngesikhumba. Ingoba kuyaziwa ukuthi lezilwanyana azisidli iskhumba senkomo, kanti futhi sisetshenziselwa ukuvimba iphunga lesidumbu ukuthi lingaphumi ngaphandle linuke.

Ukufika kwabaMhlophe kanye nabezinye izinhlanga kuyishintshile indlela esekwenziwa ngayo uma kufihlwa. Ziningi ke izinto ezingamasiko kanye nosikompilo esezishintshile ngenxa yemikhuba isizwe sikaZulu esiyikopela kwezinye izinhlanga njengayo nje indlela yokufihla. Ingakho ke sithi ake sinithifahla ngendlela entsha noma lena esisetshenziswa manje uma kufihlwa umuntu. Kuhle sikuveze ukuthi kuyona lengosi yolwazi lwesintu (iafrika.com) sike sakuveza kwenye ukuthunwa komuntu kepha sasizinqume amakhanda sazishiya. Uma umuntu engcwatshwa kuqalwa ngokuthi kukhonjwe indlu yakhe la ezombiwa khona noma la ithuna lakhe lizombiwaezibonakhona. Uma isikhonjiwe indlu yakhe ayibe isashintshwa nhlobo noma ngabe kuvela ziphi izinqinamba. Okujwayele ukwenzeka ke ukuthi kukhonjwe ukuthi lizoba kuphi ithuna kuqondane nokuthi kunetshe lapho noma kukhona abadala abangakuzwanga kahle okwenza kube nzima ukumba ingcwaba kulamadoda asuke elimba. Uma kunesimo esinjalo, abakulowo muzi baya emsamo beshise impepho bashweleze kwabadala bacelele lona ongasekho indlela. Uma liqhubeka nokuqina, umgodi uyahlehliswa kancane kepha awushintshwa lapho okhona.

Uma usumbiwe umgodi umuntu esengcwatshwa kufakwa icansi phansi emgodini lidatshudatshulwe emaceleni (Likhishwe yonke imbhonqa). Emuva kokubekwa kwamacansi kulandela lona ibhokisi umuntu asuke efakwe kulo. Kepha kuhle sikubalule ukuthi akusiyona yonke imindeni engcwaba umuntu ephakathi ebhokisini ngoba kweminye imizi liyabulawa libe izicucu, nokho sizochaza ngalokho ngokuqhubeka nayo indaba. Uma selifakiwe ibhokisi lembathiswa ingubo.

Isizathu esenza kuqalwe ngecansi ngaphansi phezukomhlabathi ingoba icansi alidliwa izibungu futhi alidliwa inhlabathi noma umhlabathi, iungalimbhela uligqibe kodwa uyolithola linjalo nje noma inini, yingakho nje lkwenziwa ngaloluhlobongohlobo. Icansi lakhiwa ngencema noma ikhwani, incema imila emhlabathini njengakhokonke okumilayo kodwa aliboni ngaphandle ke uma lidliwe imihlwa.Isizathu sokuthi ibhokisi libekwe phezu kwecansi ingoba ibhokisi lenziwa ngogodo ingoba uma uligqiba ngaphansi komhlabathi liyabola lona liphele nya lidliwe umhlabathi, kanti isizathu sokuthi kubekwe ingubo nayo ayidliwa umhlabathi futhi ayidliwa izimpethu njengalo icansi. Isizathu sokuthi ke isidumbu sibekwe phakathi kwecansi nengubo ingoba kuhlonishwa isidumbu esifakwe kuso, ingobaokhokho babehlonipha isidumbu noma umzimba womuntu osuke engasekho emhlabeni. Umuntu uma esedlulile ufihlwa ngaphansi komhlabathi ngoba ngalesikhathi eshisa ngenxa yokuthi ngaphansi akunamoya ohamba ngaphansi komhlabathi ingalesikhathi isidumbu sicinana naso singashaywa umoya. Ngalenkathi isidumbu sicanana singashaywa umoya bese kuthi ingaphakathi lomuntu lifuduma kuze kufike lapho kuqhuma khona inyongo yakhe ngaphakathi, bese eqala enokala ngaphakathi.

Uma umzimba womuntu wonakala, ingalesikhathi edliwa izilwane izimpethu kuze kuba ukuthi iyaphela inyama yakhe emzimbeni kusale amathombo wodwa. Kuthatha isikhathi eside ke ukuthi umzimba womuntu wonakale ,kuyaba imnyaka impela. Amathambo ke wona awaboli nhlobo kuba yinto yangunaphakade, amathambo yiwona agcine esele wodwa sekubole konke izingodo, izingubo ngasho nawo amacansi. Sike sathi ukuphawula ngendaba yokuthi abanye abalisibenzisi ibhokisi ukufihla umuntu wakubo. Kulemizi esasebenzisa isintu ibhokisi liyabulawa ngoba akusiyona indlela yesintu ukufihla ngebhokisi. Okwenziwayo ukuthi kubekwa wona amacansi phansi, bese kubekwa umuntu egoqwe ngengubo, kufakwe izingodo zimiswe zibe imigqa, kubekwe namanye amacansi ngaphezu kugcine ngokuthi kufakwe izingodo zebhokisi ngoba phela lisuke selihlakazwe ngembazo kanye nocelemba lenzelwa ukuthi libe izicucu. Sesivala nje, besithi asisike elijikayo ngayo indaba yokufihla noma sasikwenzile kwenye ingosi kepha lapha bese sishayela isipikili sokugcina.

Leave a Reply