Yaka!
Dlunge,
Mayila,
Gagasi aligcwali oshaka,
Mgodi ongawelwa, owelwa zintunthwane,
Maluma ephephetha,
Hambo olude olushelele,
Wena owalala emsileni wenyoka yakugoqa wathi iyakudla kanti iyakufudumeza,
Mgayi owagayela umhlaba wonke,
Ncwencwe.
Izithakazelo zakwa Yaka Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Yaka dika gajula nxeyema.
Mfaka suzela umnga wome uthezwe ngmfazazana