isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Phakathi Clan Names

Nina bakwaMthentuhlab’ usamila
BakwaJuqu lodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu
Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu
Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.

Enye indlela yokuthakazela uPhakathi

Phakathi,
Mncwango,
Mpangazitha,
Maqayiya,
Nkombeziluthuli,
Masalakuboshelwa,
Gomaza,
Quda,
Bhebhedu!

33 thoughts on “Izithakazelo zakwa Phakathi Clan Names”

  1. Mina zihlobi lezizithakazelo akula ngitsho lesisodwa engisaziyo kodwa ngingowako phakathi lami ngiyake ngizwe obaba besithi ePhakathi eMjajiwengotsha kungenaphi ngicela uncedo

    Reply
  2. I’m the only one obona ngath ophakathi bahlukil kakhul, cz when I check aba base KZN, clans names azifan nase EC. Cz thina ngath EC sithi oPhakathi boGcogco, Ncikoza, ngqithi, malangane, fumisa, ngubo nkulu, mahlavu Ahluma ebusika nehlobo.

    Reply
  3. Izithakazelo ezishiwo ekhaya zihluke kakhulu ukunalezi engizibona la but I think maybe kusebenziswa izibongo zokhokho baziphendula Izithakazelo. Thina asimfaki nhlobo Mncwangu kodwa sifakaLuswazi

    Reply
  4. Impela kusho ukuthi kusekuningi okumele akufunde. Ekhaya sithi, Phakathi, Mpangazitha, Mngunikazi, Mncwango, Jiba, Mjabi.

    Reply
  5. Yes bukhona ubukhosi bakwa Phakathi. They originate from the south coast in Kwa Zulu Natal. Phakathi, Mnguni, Nonkosi, Mnguni omuhle nezitho zakhe, Mnguni ka Yeyeye.Ok

    Reply
  6. Ingabe ukhona yini owaziyo ukuthi bukhona na ubukhosi ba Kwa Phakathi.
    Thina si la e Swazizi sizwa ngandlebenye ukuthi buse Natali.
    Izithakazelo zethu zithi
    Phakathi
    Nyandeni
    Mashobane
    Nkondlwane
    Sila zitha ka Sthole
    Inkodlwane eyafela futhi kubafokazana
    Unobulawa yindlala yemikhonto abanye bebulawa eyamabele
    Nonkozi
    Mpangazitha

    Reply
  7. Cha impela dadewethu abakhona kaZwide kufaka noManqele . Kuyenzeka abantu bahumushe ngezindlela zabo kodwa iqiniso limile ekutheni uPhakathi udabuka kwaNxumalo . NoMasuku uyangena lapho . Ngiyethemba usizakele MaMncwango .

    Reply

Leave a Reply