Hlomuka,
Bophela,
Busane,
Fuyane,
Mazinga,
Mlalazi kanoxhaka,
Laka lathengwa ngembuzi,
Imbuzi kwakungeyempongo,
Wena bhaka lasemakhasi,
Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,
Wena nkomo zehla ngelengiso esitikini,
Wen’ okandunu yabukwa yomibili abasezitheni nabasekhaya,
Dlokwe lendlovu,
Jiji mankononkono,
Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,
Mnguni.
Izithakazelo zakwa Ngidi Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ngidi hlomuka,noshama,wena mthomb sentabeni,wena owagubeleza intomb nesoka