Izithakazelo zakwa Ngidi
Hlomuka,Bophela,Busane,Fuyane,Mazinga,Mlalazi kanoxhaka,Laka lathengwa ngembuzi,Imbuzi kwakungeyempongo,Wena bhaka lasemakhasi,Wena nyoka zakhwela emthini zingenanyawo,Wena nkomo zehla ngelengiso esitikini,Wen’ okandunu yabukwa yomibili abasezitheni nabasekhaya,Dlokwe lendlovu,Jiji mankononkono,Geza ngenhla abafokazana begeza ngezansi,Mnguni.