Duyaza omhlophe njengezihlabathi zolwandle,
Mthonga weNdlovu,
Mpangazitha oziphangayo,
Mtholo,
Mahloko,
Diza kaMatoto,
Mkhawulez’ukuwela,
Mlotshwa,
Mahloko,
Phakathi kaMhawana,
Sgagu,
Khethankomo,
Mfolozi emnyama inkethabaweli,
Sthanda,
Mnkonyeni,
Wena wembange,
Wembangalala kankomo elala kalukhuni,
Mkhutshana kaSodondo kaNcungu,
Thanga limndindi,
Limndindinini ngokwethekela,
Wena ndlwana ezimbana zikaSomnguni ezimahlikihlikana,
Mkhatshwa,
Nxumalo!
Sanibona boDuyaza ngythokoza ukwazi ngmlando wakwamanqele
Mina mthonga ngibona bethatha
Siyabonga ngezithakazelo zakwa manqele bengcela ningisiza ngenvelaphi yethu thina bakwa manqele,nano kuthi kungani kuthiwa asithathi kwa nxumalo
Cha nami ngyafisa ukwazi ngoba ubaba wami wazalisa umanxumalo kodwa u manqele
U Manqele no Nximalo into eyodwa?
Uma ubuso bunamaqhubu ugcindezeleka ebusuku kube ngathi kunezinto ezikuhanbayo ebuswen?
Sanibonani boDuyaza abamhlophe njengezi hlabathi zolwandle, ave ngithanda nami ukwazi nge history yakwaManqele, ngcela ukubuzabo Mthonga abahle, isibongo sakwaNxumalo singena kanjani kuManqele, ngoba uma njalo ngihlangana nomuntu wakwaNxumalo/Ndwandwe uvele athi kmina sizihlobo, manje bengsacela ukucazeleka kuleyo ndawo coz nginokudideka.
my dad told me something , noma ngingasakhumbuli kahle , wathi o’manqele ba’thunjwa ( kidnapped ) by umuntu wakwa’nxumalo , or it was the other way around angsazi , koda it was that , then that person that was kidnapped became like family to abantu baka’manqele , then baba yizihlobo kanjalo
Duyaza angithi u Mkhatshwa uyangen kwa Nxumalo
Nime njalo boDuyaz’ abamhlophe okwezihlabathi zolwandle, masilimiseni igama lokhokho bethu ngoba phela zonke lezithakazelo zisuselwa emagameni abo, siziqhenye ngesibongo sakithi boManqele, Duyazi,
Ngiyabonga ukuthola ulwazi ngemvelaphi yami,sikhulu lesibongo maningi amakhosana kanjalo namaqhawe futhi nina bakaDuyaza,Mhawana,Phakathi kanye noMahloko o Mthonga wezindlovu zikwanonjomelwana,Diza kamaToto.izwe lonke ningabakwethu 100%
umanqele isbongo esijule kabikabi oba abantu noma bezibiza babiza bangaqedi kahle kahle ungazuthy abazazi labesuka khona umanqele ungunxumalo othy umlando kwakukhona indoda kwakuthiwa usothondose lendoda yakwanxuma yayizalw lapha enzalweni kazwide okungumfowabo kazwide lendoda yabe yabese iphuma inxiwa layo yayokwakha enqelen ikhishwa ukwendlula kukababa wayo umaqoboza uma beyi vayivakashela abantu bethy baye enqeleni kwakuyindoda ethanda nokujabulisa abantu idumile beyithanda futhy bufike kusuke isiduyazana phakathy enqele abantu begiya kumunandi bebambezele ke nabafana begcina bejatshuliswa yizinto ezazenzeka lapha yathola amadoda na nawo amphuma nxiwa lapho kwagcinasebeyihlonipha indawo kababa wabo sebeyiteketisa sakuhaya bethy kukamanqele bebuke abafana kunenkambu yezinkomo zakhe kuphela kwakungafuneke nkomo yangaphandle lapho bayiqambaleyonkambu bathy kusekhethankomo umuntu wayengaduyazeleli ngalapho uma efuna ezakubo bethe lezinkomo ezihlala la ezakwamanqele ayi enqele oba elwa amadodana kasothondose uma kungahlonishwa indawo kababa yakhe inhlonipho yayihamba phambi akengimeke lapha bahlonishwa oba namanje nje abakamanqele bodwa abavunyelwe ukuduyazela ngala befunde umlando wethu injulab’chopho manqele edumbe ebilanyoni sinamakhosi akithy okungasesiwo akamanqele
Uyazi nceku le nto yesbongo sakwaManqele ingaze ikudide kodwa kungafanele . Isbongo sakwaManqele sisodwa kuphela , futhi bangamaZulu kuphela . Le nto isukela la ekutheni okhokho babe nezinkinga zabo nomunye nomunye efuna kugqame yena yingakho kwagcina kunezithakazele ezihlukene. Kahle hle izithakazelo zisuselwa emagameni abantu njengoba noDuyaza kwakuwumuntu , noPhakathi kanjalo . Thina ngoba siseNqutu nje , kunezindawo okuthiwa sasuka kuzo sashiya abanye bakwaManqele kodwa uma uthi uyabheka izithakazelo zethu azisafani kodwa sisukela esizukulwaneni esisodwa. So uma ubona into ethi Manqele nje wokwazi ukuthi abantu ababodwa labo noma zingehluka izithakazelo . Ngoba iningi lethu uma ungabheka siyamfaka uDuyaza bese kwehluka kwezilandelayo okusho khona ukuthi siyinto eyodwa.
Ngiyabonga kakhilu Z Manqele enquthu,ngicela sixhumane mfwethu ngike ngahlala e nquthu emkhonjane.nansi nambayami yocingo.0737173519 noma 0827507815.ngiyawudinga u,lando wakwa manqele mhlampe singasizana
Nice
Ngicela ukwazi imvelaphi yakwa Manqele
Abazithakazela ngo”Donda,mgedeza,phakathi,sohlambayi etc”
Ngicela ukwazi nge mvelaphi yakwa Manqele kanye nobukhosi bakhona uma bukhona.
Ngifisa ukwazi nangokuhlukana kwabo ngokwezithakazelo zabo ngoba zehlukene
Yeah
Very nice
Kwaze kwangisiza ukuthola ulwazi kabanzi ngesibongo sakaManqele nghlezi ngifisa ukwazi koda sengfunde ma comment ka z manqele enquthu ngafunda lukhulu ngyabonga z manqele
https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamadlala/
Boduyaza ngiyaphila Nina bengazi@bafana manqele
Ngicela izithakazelo zakwa Madlala