Dube elimthemde,
Dube kaBayisa,
Khushwayo!
Mbuyazi kaThekeli
Ongathekeli nakwandodakazi
UZwakele ndoda
Ongathekel’ emzin’ emincane
Othekel’ emzin’ emikhulu
Ongathekeli kwamakhelwana
Othekel’ emanxulumeni
Nina bakwaDonda kwaMbangambi
Ndlovu khaliphezinye zilibele
Nina bakwaNzwakele kaKhushu
Nina beshumi lamhla munye
Nina bakwaMagwaz’ ebuyelela
Nina beqhawe lakwaLindukudla Shozi!
KaFani kaNomkhwayiba
KaFana fuzamafu
Dlubuladledle!
Ntamo ngeyendlondlo
KaSiphabantu ngokubadlubulela
Ngeze ngonyama entanyeni
Ngoba yehle kanzima kanzizimela
KwaMgwezi wamaduna namathokazi
KaNomkhwayiba waseKunene
Silwane kaNjila kaNgothoma
Mqhawe
Ngcobomuhle
Mafukuzela!
Mbonambi no Dube bangahlaniswa wu Mbuyazi yin??
Cofa lapha ukuthola impendulo Izithakazelo zakwa Mbonambi
Yebo Mbonambi No Dube bangahlaniswa uMbuyazi kanye noMbokazi.
Mbonambi noDube noMbuyazi amagama abantu bozalo lomndeni owodwa. Akuzona izihlobo nje.
NGICEL UKWAZ NGEDUBE LAKOSANGWEN EFUGWA LONA LIQHAMUKA PHI
Ngabe uMbuyazi No Dube kwahlukana kuphi ngoba sekunesbongo sakwa Mvuyazi esithatha kwa Dube
Ithina lbo ozwakele ophephele elangeni mageza ngobisi ….
Siyanibongela nina bakwaDube! Ake nisicobelele, zisha ngani/kwenzekani ngokuthekela kwaDube uma izithakazelo zenu zithi:
“Ongathekel’ emzin’ emincane
Othekel’ emzin’ emikhulu
Ongathekeli kwamakhelwana
Othekel’ emanxulumeni”
Ngicela ukwazi ngobani abazalwa endini ka Mafukama Mbonambi ozala uSkhunijojilanga Mbonambi
Ndakazoooo ukwethekel mfethu ukuncika Noma ukucelaa
Ngifuna ukukhuluma ngesibongo sakwaMhlanga ukuthi siphumaphi. Umlando uthi siphuma kwaDube, uma befuduka enkabeni yeAfrika bahlukana abanye balibhekis enyakatho abany eningizimu .ngizophawula ngalaba ababhek enyakatho bahambe neziny izibongo. Ngeshwa bafice umful ugcwel udl amagebu, babona kuncono balinde az ehle amanzi. Kwasuk insizwa yakwaDube yehlel emfuleni yaphul umhlanga yaboph inyanda yawuphons emfuleni yawelela ngaphesheya , zamangal eziny izibongo waziwelisa zonke. Maqede zathi kulensizwa kusuka namhlanje unguDabuka Mhlanga ngoba usiwelise sonke ngomhlanga,bakwaDube abazange bakhohlwe ukuthi baphumaphi. Izithakazelo zabo zithi: Dabuka Mhlanga,mdwayidwayi ,m’balo muhle ,Dube , mtima,mzomba, nyamazan enhle, masuza ngendlela,khabako, khabako welanga,mshayi wengadl odakeni kubhuny uthuli, Kwasuka Dludlu kwahlal inkalakatha ,wasibekel inkosi ngothuli.
Ngiyakuthanda lokhu ukushoyo kodwa ngicela ukwazi kabanzi ngoMtima noMzomba nokuthi Kusho ukuthini ukuthi UMasibekela osbekela inkosi ngothuli. Futhi ngicela ungisize ukuthi iningi labantu bakwamhlanga batholakala kuphi ngicela nokubuza ukuthi nihlobene nabantu bakwadludlu. Ngiyabonga
Nkululeko okusho ukuthi nabakwa Nhlangothi bahlobene noMhlanga ngoba uma sithakazela siyamfaka uMtima nokuthi sasibekela inkosi ngothuli kodwa ulwazi lwakhona akuphelele, kuzomele ungiphe okwaziyo @nhlangothimg@gmail.com
Sakith kelesi dabuka mhlanga
Ngiyabonga khabako,ngingajabula uma ngingathola izithakazelo zakwa Mhlanga okuthi uma ngihlangana nabafowethu sishaye into eyodwa efanayo.Ngisho ngoba sengithole ezintathu izinhlobo zezithakazelo manje lokhu kwenza ngidideke.
Sizani bokhabako ngoba ngifuna ukubhalela izingane zami zizifunde zizazi. Khabako!!!!!!!!!!!!!!!!!!!!!Mr
Yithi laba
Dube yithi laba
Dube mtima ngemazomba ngemasibekela wena owasibekela inkhosi ngelutfuli nibasempatseni bayihlengela bayifihlele bantfwana netinkhomo nine bakacandza lengwe lihleti emtfolweni lashiya banikati bemtfolo bamangele nine bamshiyi wetindlu tingakavalwa nayowakha ma up stairs
Dube is a zulu word for a zebra which is part of origion the black and white stripes of the animal represants unity and strength
Nicholus ngicela uke ungithinte ngifuna ukwazi ngemvelaphi kaNhlangothi noDube basuka kanjani eSwazini beza ngapha a South Africa.
Nam ngyafisa ukwaz ukuth ngabe singahlana kanjani, ngajabula ukuthola incazelo
Abakwa mthembu nabo ngo Dube
could you please put up izithakazelo zakwa Ndaba i would really appreciate it Thank you.