Izithakazelo zakwa Cebekhulu Clan Names

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena wasEtsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im’ hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMntambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kamafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
UNsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Isikhova singathi “hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin’ enadlel’ encazeni,
Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl’ isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu sasiyobuswa ngubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl’ ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni.

1 thought on “Izithakazelo zakwa Cebekhulu Clan Names”

Leave a Reply