isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izinhlobo zezinkanyezi

  • Indonsa -Le nkanyezi ibizwa ngokuthi indonsakusa, ngoba  iyona ephuma kuqala ngaphambi kokuthi kulandele ezinye izinkanyezi, iphuma ekuseni kusemnyama kuze kuyosa isabonakala.
  • Indonsabusuku – Inkanyezi ephuma phakathi nobuku  lapho abantu abaningi sebelele, ngokujwayelekile kuthiwa iphuma uma sekuchama izingane ezisencane. Kanti ke  yona idle ngobukhulu nangokuba nombala obomvu.
  • Ikhwezi -Inkanyezi enkulu, edle ngokukhanya kakhulu. Lena inkanyezi yesibili ephuma ekuseni, ilandela indonsa busuku.
  • Umthala -Izinkanyezi eziba ziningi ndawonye zibe uxhaxha. Zigqama kakhulu ehlobo kanti ziyayishintsha nendawo ezime kuyo. Uma uke wasusa iso kuzo waqalaza   eceleni usubuyisa amehlo sezisuke, zishintshe indawo ezikade zikuyo.
  • Ondweliyana – Uhwezane lwezinkanyezi olukhanya engathi luyafifiza.
  • Insansa – Le nkanyezi iyona ekhanya kakhulu ukudlula zonke izinkanyezi.
  • Intshola/ Iqhubankomo – Inkanyezi evela ekuseni kakhulu ngezikhathi zentwasahlobo. Le nkanyezi iphuma ekuseni ngesikhathi sokwebiwa kwezinkomo ingakho yagcina isiqanjwe igama elithi Iqhubankomo.
  • Inkwenkwezi – Inkwenkwezi yaziwa kakhulu ngokuthi inkanyezi yokusa ngoba iphuma ekuseni sekusa, kanti ke ijwayele ukubonakala kakhulu ngenyanga kaNtulikazi.
  • Isandulela – Inkanyezi evela kakhulu uma kuphela intwasabusika, le nkanyezi idle ngokukhanya kakhulu.
  • Isicelankobe – Inkanyezi evela ngemuvakokuba ilanganga   lizilahle kunina . Abadala bayiqamba ngokuthi isicelankobe ngoba  iphuma nje uma zibekwa eziko izinkobe, ziphekelwa ukudliwa ebusuku.
  • Isilimela – Izinkanyezi eziphuma phakathi nobusuku. Ziphuma zibe yisixhobo ngase nyakatho zibe luthotho.
  • Isiphambano – isiphambano saseningizimu kuba izinkanyezi eziluhoyo ezenza umfanekiso wesiphambano kanti ke zona ziba ngaseNingizimu.

7 thoughts on “Izinhlobo zezinkanyezi”

  1. Kutsho ukuthini ukuphupha intombazane yendiya?

    WhatsApp ingaba unaye Camagu…. ndinamaphupha amaninzi endinawo,,, endifuna ukucaciselwa wona Camagu

    Reply
  2. Thokoza,,, ndicela uxolo uphuma emxholweni,,, bendicela ubuza kuthetha kuthini uphupha ingwenya, ndiyabamba ingandilumi…. CAMAGU

    Reply
  3. Sacela ukubuza ukuthi kuchazan ukuphupha uthandana nomuntu osebenza naye lephupho libuya kaningi

    Reply

Leave a Reply