Uma uphupha ingwenya kusuke kuzokwenzeka into embi, kokunye ukuphupha ingwenya kusho isifo, umshophi noma umonakalo ozokwenzeka. Kubangcono uma kuwukuthi ekuyiphupheni kwakho ayikulumanga, ngoba lokho kusho ukuthi noma ungavelelwa umshophi kodwa umonakalo ngeke ube mkhulu ngaleyondlela noma wona uzoba khona.
Ngicela ukubuza kushoo ukuthi ukuphupha i gwenya ingena endlini kondwa hhayi kini wacela ukuthi benginike umlotha ngiyithe ngawo ngikhuleke yavele yancipha yaphuma uma ngizovikela umakoti ebizomlimaza endlini
Leli phupho lisho into embi ezokwenzeka, kungaba isifo.
Kusho ukuthini ukuphupha ingwenya isemanzini acwebileyo idlala khona
Leli phupho lisho into embi ezokwenzeka, kungaba yisifo. Cofa lapha ngolwazi olwengeziwe ngaleli phupho https://iafrika.org/izizathu-eziningi-zokuthi-uphuphe-ngamanzi/
Sabina ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha ubona ingwenya iyongeba emanzini angcolile bese ubuyela emuva…..bese ucosha isitini uthi uyazijikijelela kuvele kushayeke yona ilimale isandla sayo kube sengathi iyafa
Leli phupho lisho into embi, kungaba isifo, nalualu olunye ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngamanzi/
Kusho ukuthini ukuphupha izingwena zikuvimbile , khona lapho zigqitshwe umhlabathi ugcine sudlulile kungekudala ufice isoka lakho nesoka lakudala, leli elakidala likuqabuze