Iswela liyatshalwa njenge thanga, liyadliwa uma lisemanzi. Iswela liyacwelwa (bazwa) liphenduka isitsha uma sesomile, senza izitsha ezibhalwe ngezansi.
- Ibhanqa yigobongo okwakuthwalwa ngalo utshwala uma kukhona lapho obuhanjiswa khona, lona ke linomlomo omkhulu ovulekile.
- Igobongo wuselwa olukhihlizwe phakathi, kwenziwa umlomo ovulekile. Leligobongo kuthiwa lwalugcina izinto eziwuketshezi njengamanzi, utshwala kanye namahewu.
- Igula ngelokufaka amasi ukuze avuthwe kahle, kusikwa uselo phezulu noma isiklongo esomile, sikhishwe konke okuphakathi okuyizinhlamvu zesiklongo, ngemuva kwalokho luhlanzwe kahle ngamanzi. Igula lisebenza kahle ngoba liyavalwa phezulu ngehleza lommbila ukuze lungafaki umoya konakale amasi.
- Ihenge yigula elinomlomo ovulekile okugcinwa kulo utshwala.
- Umfuma yigula eligcina izigcobo zezidwaba kanye namakha.
- Umphatha wuselwa olugcina izinto eziphuzwayo, uyenziwa futhi nangokhuni kanye nangodongwe.
- Inkezo kukhiwa ngayo amambawu (utshwala) uma evutshelwe, iyenziwa futhi ngokubazwa ngokhuni.
- Iphaphasi ngelokuphatha ukudla, lwenziwa ngokupaqaza uselwa lube izicaba ukuze kuzokwazi ukuthi kuphathwe ngalo ukudla.
- Isigubhu ngesokukha amanzi, kufakwe kuso amahewu noma kufakwe kuso umqombothi.
- Isihlali ngesokugcina ubisi.