Amaphupho ngosaziwayo

Ukuphupha umuntu odumile umxhawula kungasho ukuthi uyaphakanyiswa, impilo yakho izonyuka ibe sezingeni, okungaba ukuba nemoto uma ukade ungenayo, noma uthole isikhundla emsebenzini, uzonethezeka, ukuthola udumo, uthole ukuhlonishwa kanye nokuvelela emkhakheni wakho.

Ukuphupha usaziwayo kungasho ukuthi izinto zizoba lula, uzokwazi ukufeza izifiso zakho ngaphandle kokuthikamezeka.

Ukuphupha usaziwayo kungasho okwenzeka empilweni yakho ngaleso sikhathi uma loyo saziwayo ubumbuka kumabonakude, umlalela emsakazweni noma ufunda nangaye ezindabeni, kanti kwesinye isikhathi kungasho ukuthi kunezinto ozithandayo ngaye, ubukela kuye noma unekhono elifana nelakho.

Ukuphupha usaziwayo kungasho ukuthi uwumuntu ozimiselayo futhi wenza izinto ezamukelekile.
Ukuphupha ushada nosaziwayo kungasho ukuthi uzozakhela ubuhlobo nomuntu ozokwenza ukuthi uphumelele empilweni.

Leave a Reply