Amaphupho ngokugcaba

Uma uphupha ugcatshwa futhi ukhuhlwa ngomuthi uma ungaguli kungasho ukuthi kunesitha esizama ukukufaka imithi emibi ngaphakathi. Kwesinye isikhathi leli phupho lisuke likuqwashisa ukuthi usukume uthole usizo nemikhuleko ngoba usuke uthunyelwa ngesilwane.

Uma uphupha ugcatshwa ube ubanjwe ukugula vele kuwuphawu oluhle, lungasho ukuthi uzolulama noma uzothola usizo oludingayo lokwelashwa. Uma umelaphi okugcabayo umubona kulelophupho kungasho ukuthi nguye ongathola kuye usizo lokwelashwa.

Uma ugcatshwa kodwa ungafakwa muthi kungasho ukuthi uzobhekana nezinkinga ezizokukhathaza kanye nokugxekwa okuzovela kubantu ababalulekile empilweni yakho.

Leave a Reply