Amaphupho ngenyama yangaphakathi

Ukuphupha usu noma inyama yangaphakathi kuwuphawu olubi olungabika isifo esingaba khona ekhaya.

Ukuphupha usu kungasho ingozi nokuthi kumele uqaphele indlela oziphethe ngayo. Kungasho ukuqala kwezinkinga empilweni yakho.

Ukuphupha udla usu kungasho ukuthi uzothola ukuphoxeka ngodaba olubalulekile. Kungasho ukuthi uzohlukana nabantu ababalulekile.

Ukuphupha upheka usu kungasho ukuthi izinqumo ozithathayo ngaleso sikhathi ziyoba nomthelela omkhulu ekusaseni lakho.

Ukuphupha usu kungasho ukuthi naka izinto ezibalulekile kuwe ngoba unezimbangi ezifuna ukukugudluza.

Uma uphupha inyama yangaphathi uyigeza kungasho imizamo yokuxazulula nokulawula ezinye zezinkinga, nokuzinqoba nokufika kwempumelelo empilweni yakho.

Leave a Reply