isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngenyama ebomvu

Ukuphupha inyama ebomvu engaphekiwe kungasho umkhuhlane ongavela emndenini noma ezihlotsheni okungaba isifo. Lokhu kusuke kumele ukuthathe njengesixwayiso.

Ukuphupha udla inyama ebomvu kungasho ukuthi qaphela, kungase kubike idliso elibi ngaphakathi kuwe. Kungasho futhi ukuthi kuneshwa nokulahlekelwa ozobhekana nakho.

Ukuphupha inyama ebomvu engaphekiwe kungasho ukuthi imbangi yakho ikusebenzisela umuthi omubi, kanti uma usanda kushada kungasho ukuthi owamukelwa zidalo zakulowo mndeni oshadele kuwo.

Ukuphupha inyama ebomvu ekuhlaza kungasho ukufezeka kwezifiso zakho, kuphela kumele ubekezele.

Ukuphupha inyama ebomvu yenkomo ikuhlaza kungasho ukuthi unabangani bamanga, ngakho-ke musa ukwethemba wonke umuntu, nokuthi qaphela abantu obatshela izinhlelo zekusasa lakho ngoba bengakwenzakalisa, kanti kokunye lingasho ukuthi uzoba nesikhathi esihle sokungenelwa yimali.

Leave a Reply