Ukuphupha amaphela kungasho izinto ezahlukahlukene kuya nangesimo sephupho ukuthi lisuke likanjani. Ukuphupha amaphela ekuhamba emzimbeni, ebusweni noma egcwele umbhede kungasho ukuthi uthakathwa ngesichitho ukuze ube umuntu onesigcwagcwa kubantu.
Uma uphupha amaphela ekuhamba ekhanda kungasho ukuthi ubhekene nengcindezi neziqalekiso ezithile ezizokungcolisa ngokukamoya noma abathakathi bafuna ulahlekelwe umqondo.
Uma uphupha wehluleka ukuwabulala amaphela khona kungasho ukuthi uzohluleka ukuxazulala izinkinga ezikuhluphayo neziphazamisa injabulo yakho.
Ukuphupha amaphela kungasho ukuthi uzungezwe abantu abanomona nabangakufiseli okuhle.
Ukuphupha amaphela uwasusa kuwe kungasho ukuthi uzokwazi ukususa nokuqhelisa abantu ababi empilweni yakho abangakufiseli okuhle.
Ukuphupha amaphela egcwele indlu yonke kungasho ukuthi umuzi wakho noma wakini ungcolisiwe ngemithi emibi kumele nisukume nenze enikholelwa kukho ukuzivikela.
Ukuphupha amaphela esekudleni kwakho kungasho ukuthi kunabantu abanonya omelene nabo abangaba yingozi kuwe.
Uma uphupha amaphela amakhulu kungasho ukuthi uzobhekana nenkinga enzima eyodinga ubuhlakani ukuthi ixazululeke. Kwesinye isikhathi ukuphupha amaphela kungasho ukuthi uyokwazi ukumelana nezimo ezinzima ngisho ngabe kuthiwa awesekwa muntu.