Izithakazelo zakwa Phungwayo Clan Names

Phungwayo
Mhlongamvula (Mhlangamvula)
Banamanga bengqaki bokuthenga bantu bathi umhlonga mvula udilikile kanti ukhona
Amavulane aseshashalazeni akwa Dunga ayizele kaLudonga!
Dungabanathe
Dilika uzibone Mhlongamvula
Imvula iyanetha! Inetha ngomkhizo, ivinjwa ngokhopho.
Nkophe zimawakawaka!
Wena wesibindi asibengwa, sibengwa abafokazana, inkomfi ayithambi
Wena ongadingi abasengi wajwayela ukuzenzela! Ungu Mxolakazi!
Mkhonto odumayo
Sihlangu sakucala
Bathi, aligwazwa ngabafazi ligwazwa ngamadoda wenkomo zamagayela wamagayiza
Mvimbi
Mlotshwa
Mhayise
Jojolozana

Leave a Reply