Mzobe,
Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe,
Hlekani,
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi,
Malala,
Zembe libomvu,
Majilane,
Sombude,
Inyoni ephuza kwezinde iziziba!
Ithi ingaphuza kwezimfishane inqundeke umlomo!
Wena owafundisa abantu ukuhleka!
Bethi amazinyo zingcili!
Thanganeni,
Welinjaneni,
Fundisa,
Lamula!