Mtimande,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!
Izithakazelo zakwa Msane Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso