Khathide!
Masobode!
Ndolwane!
Magonondo!
Sombheshane!
Wena owasobodela udlubu nokhasi.
Mgwaqo awedluli esibayeni ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda.
Mbokodo ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele.
Boya obuningi obungangenyathi.
Inkonjane endiza phezulu yawela umfula ugcwele.
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide.
Makhunga owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga.
Izithakazelo zakwa Kubheka Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Ngicela isthakazelo sakwa Ntshapheka nesakwa Ntshingila
Cofa lapha ukuthola impendulo: Izithakazelo zakwa Ntshingila Clan Names