Ngaphambi kokuthi kufike abaseNtshonalanga nenduku yamagwala bekusetshenziswa izikhali kwaZulu ezahlukahlukene. Le zikhali-ke zinamagama ngokwehlukana kwazo, lana-ke sithi ake sithi qaphuqaphu ngazo ngoba ezinye zazo azisatholakali kalula kodwa sezitholakala ezindaweni lana okugcinwa khona izinto zamagugu esintu.
Ihawu – ihawu leli elokuvika uma izinsizwa zingcweka ngezinduku okunye uma zibambane zibhekene ngeziqu zamehlo. Ihawu lakhiwa ngesikhumba senkomo, siyasikwa uma sesomile kade simanzi senziwe ihawu lokuvika noma lokuhloba ngoba phela amahawu awefana, kukhona lawa asetshenziswa uma kuvunulwe nje kukuhle kanti kuphinde kube khona nalawa okuvikwa ngawo uma kuliwa.
Ijozi – lona olunye uhlobo lomkhonto olubanzi ngokudla noma ngaphambili la ololwe ngakhona. Kuqalwa bekulolwa itshe lize licije ngaphambili bese liboshwa endukwini ezoba isibambo somkhonto, kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwagcina kusetshenziswa insimbi, ilolwe kahle icije bese iboshelwa emphinini owenziwe waba mncane ngokwesiqu.
Ikhebezane – Ikhebezane umkhonto onokudla okubanzi wase uba namazenga
Umdlelo – ihawu elincane leli, kuzokhumbuleka ukuthi amahawu awalingani ngobukhulu kanti-ke ibona obuhlukanisa ukubizwa kwawo.
Umdlulu – lona umkhonto onesidunu esikhulu ngemuva, bese uba mncane ngaphambili la ololwe khona.
Igabelomunye – leli ihawu elidle ngobuncane nje!
Igqoka – leli ihawu elincane eliphathwa amabhungu uma ezicuphile eya kokweshela izintombi, singathi nje ihawu lokuhloba lezinsizwa.
Umhebhe/Isigece – Lona ngommbese kodwa owakhiwe ngathi umkhonto obusetshenziswa emasimini ngaphambi kokuba kufike amasikela.
Umkhonto – wona uba nokudla okuncane ngaphambili kanti uphiselwe endukwini ende.
Umukhwa – lo mkhonto iwona owaduma kakhulu ngesikhathi sokubusa kweLemb’ eleq’ amanye amalembe ngobuhlakani, ngisho uNodumehlezi kaMenzi. Lo mkhonto wona uphiselwe ngenduku emfishane, kanti-ke nokudla kwawo akunabile kangako, iwona lo owawusetshenziswa amabutho wenkosi uShaka uma edla abafokazana ngalo ijozi empini.
Ingcula/Intshushu – Lo mkhonto usetshenziswa enqineni uma kuzingelwa izinyamazane ezincane, kanti-ke wona wakhiwa ngenduku ende encane ngokwesiqu ngisho nawo mncane ukudla kwawo ngaphambili.
Ingcawe – Lona nawo umkhonto wenqina wokuzingela, nawo wakhiwa ube nokudla okuncane kanti-ke futhi uyahlotshiswa. Uma kuzingelwa kuyicitshwa ngawo noma kuhlatshwe bukhona inyamazane uma iseduze nalo ozingelayo enqineni.
Inhlendla – lesi sikhali sona esokuzingela uma kuyinqina kanti ke elinye igama ebizwa ngayo inhlendla libizwa ngokuthi izakha. izakha ke ziboshwe ngocingo olunameva lolu okubuye kubiywe ngalo igceke esimanjeni.
Isaphula – Ihawu elincane lokusina uma beyishaya beyidaklaza.
Isijula – lona ke umkhonto wokuzingela njengalo inhlendla/izakha kepha kwehluke indlela owakhiwe ngayo lomkhonto. ukudla kwesijula kuthe ukuthi xaxa kubanzi. lo mkhonto akugcinwa nje ngokuzingela ngawo kuphela, kepha uphinde usetshenziswe uma kumbiwa imithi okanye izimpande zemithi yesintu, ingakho nje nelinye igama lawo ubuye ubizwe ngokuthi isinsemba.
Isikwata – Umkhonto omfishane onokudla okubanzi kepha wona ucijile ekugcineni.
Isinkemba – Umkhonto omfishane onokudla okubanzi ngangesandla, wona ke ngokujwayelekile uphathelwa ukuhlobisa nje kuphela. elinye igama lawo ubizwa ngokuthi isiphapha.
Isinqindi – Umkhonto onomphini omfishane ogwazela eduze. isingqindi lesi siphiselwa sibe sifishane kakhulu kanti ke noma umakoti egcagca uyasisebenzisa esigcawini.
Ithatha – Umkhonto wokudla okubanzi wacijwa phambili.
Izinduku – izinduku zakhiwa ngenduku egawulwe esihlahleni. iyabazwa ke kahle ukuze ibukeke, ibe ncane lana ebanjwa ngakhona idle ngobukhulu ngenhla ngasesiphethweni sayo. induku ke isetshenziselwa izinto eziningi, uma kuhlotshiwe, kugiywa, kudlalwa umdlalo wezinduku kanye ke noma kungenwa esibayeni izinsizwa azingeni ngesandla esibayeni.
Ubhoko – ubhoko lwakhiwe ngegatsha lwesihlahla lube lude ke lona ngoba elokuvika uma kungumgangela. Luyacijwa ezanzi la elihlaba ngakhona bese kuthi ngenhla lunqunywe liqonde nje kahle. kuba nezihlahla ke ezijwayelekile ekwakheni izinduku kanye nezimboko okubalwa kuzo isihlahla segqeba, umhlabampunzi, kanye nesihlahla sogagane ukubala nje ezimbalwa.
Udlwedlwe – Induku ende edondolezela amakhehla nezalukazi. Igama elijwayelekile ngalo elile elithi udondolo.
Igala – Limagedla ngoba lenziwa liklaywe imisele. Lokhu kwenza ukuba kuthi lapho eshaywe ngalo ekhanda abe nezingozi eziningi kanti ushaywe kanye. Igala lenziwa ngomkhwampunzi, ngomklele kanye nezinye ke izihlahla.
Ukhande – Induku ende ecije ngenxanye okucitshwa ngayo insema.
Imbudle – Induku ecije nganxanye nawo okuliwa ngayo.
Impiselo – lesi ke isagila esinekhanda elikhulu ngenhla. lesi ke isikhali sabanimnzane abasiphatha kanye nesizenze. Impiselo yakhiwa ngokuthi kugujwe isihlahla esingakakhuli kakhulu sikhishwe nesiqu saso. Bese sinqanyulwa lendawo enezimpande ilungiswe kahle ibe imbulunga, le mpulunga iba nenduku encane nje ezobanjwa ngayo kugcine sekumise okwekhanda lomntwana omncane. Iwisa leli abanye balihlobisa ngobuhlalu esihlakaleni salo ukuze libukeke.
Umshiza – Umshiza lona owokugadla impela nje uma kuncwekwa noma zikhala kuvulwe inkudla izinsizwa ziqhuthana amakhizane. Umshiza ke uyinduku egawulwe yaba yinde, bese kuthi esihlakaleni sayo iba ncane khona izokwazi ukubambeka kahle kanti ke ngasesiphethweni sayo ithe ukuthi xaxa kancane.
Unhlongweni – Induku ende edondoleza izaguga, sesisho amakhehla nezalukwazi phela kanti ke ayigcini nje ngoku dondolozelisa izalukwazi namakhehla kepha futhi iphinde isetshenziswe uma kuliwa.
Insulungu – Isagila esinekhanda elikhulu kakhulu elingajwayelekile.
Iqhabanga – induku esetshenziselwa ukuhamba, lenduku inekhanda elincane kanti ngokwe njwayelo yakhiwa ngesihlahla umsimbithi kanye nomnweba.
Isigongotho – Induku enkulu futhi iphinde ibe mfishane esetshenziswa uma umuntu egadla kushawana.
IsikhIsimonqoIsishingowili – iskhwili sona umshiza omfishane, abanye babuye babize induku ngaso.
Isiqobolo – Lena ke induku eyakhiwe yaba ncane ngokwesiqu, kanti ke yona iphathwa abengalo yomthetho.
Isimonqo – isagila esinekhanda elikhulu saba nenduku emfishane.
Isishingo – Induku eyenziwe yaba nekhanjana elincane yase ke ihlotshiswa kahle. Isishingo siphathwa uma kusinwa kante akugcini lapho, iphinde ikhonjiswe nase mbukisweni.
Unhlekwane – umkhonto wokuzingela ofana nesijula kodwa onomphini omfishane. ukudla kwawo phambili kude kungumcingwana kwaphiselwa esidunwini esivamise ukuhlotshiswa sibe yinsongansongo. unhlekwane ke wona usetshenziswa uma kuhlatshwa inkomo, kuzokhumbuleka ukuthi emandulo ukuthi immbese ibingekho okusho khona ukuthi unhlekwane bekugwazwa ngawo izinkomo.
Ngithanda ukuthatha lelithuba ngibingelele ngiphinde ngibonge lukhulu ulwazi engilitholile lapha kepha ngokombono wami ngibona kungcono uma kungase kufakwe izithombe zakho konke ekukhulunywa ngakho.
Ngiyabonga