Uma kukhona okuzokwenzeka kuyenzeka uzwe ungatshelwanga muntu ukuthi kukhona into ezokwenzeka noma ezokwehlela. Lelikhasi liveza okunye okuba yinkombisa noma ukubiko okuzokwenzeka.
- Ukudikiza kwamehlo – Lokho kusho ukuthi uzobona isihlobo okade wagcina ukusibona, kodwa ke lokhu kuhlukene. Njengoba uma kudikiza elobunxele kusuke kubika isifo lokho noma ishobola.
- Ukulunywa izindlebe – Lokhu kusho ukuthi kukhona abakhuluma ngawe, noma ke abakuhlebayo.
- Ukulunywa isandla – Ukulunywa yisandla kusuke kusho ukuthi kukhona into ozoyithola, kungaba isipho noma ke imali esikhathini samanje.
- Ukulunywa izinyawo – Ukulunywa izinyawo kusho ukuthi uzoba nohambo olude, kodwa ke kwabesimame lokhu kubika ukuthi uzogeza.
- Ukuxhilwa amathe – Lokhu kusho ukuthi usuke ucabanga ngesikhathi udla, noma ke kukhona abakhuluma ngawe.
- Ukulunywa yisisu – Ngokujwayelekile lokhu kubika ukudlula emhlabeni kwesihlobo sakho, okanye ke kowesifazane kubika ukuthi uzithwele.
- Ukuthimula – Ukuthimula lokhu kusho ukuthi usuzolulama uma ubanjwe umkhuhlane, kanti ke kuyakubika nakho ukungena kwawo emzimbeni.
- Ukushwaqa kwezinwele – Uma ukushwaqa izinwele ubowazi kahle ukuthi khona ingozi eduze kwakho, kokunye ke sike sizwe kuthiwa ebusuku kubika ukuthi kukhona isipoki eduze kwakho.
- Ukuphuma umengulo – Lokhu kuyinkombisa yokuthi kungenzeka ukuthi weqe umbhulelo, okanye uma kade ugula kusho ukuthi usozinda.
Uma uphuphe isoka lakho lidakiwe, lashayisa indlu yakini ngemoto..kusho ukuthini
Sawubona, nansi incazelo esinayo
https://iafrika.org/amaphupho-ngotshwala/?highlight=utshwala