isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngotshwala

Amaphupho ngotshwala besintu ayibika lokuthi idlozi lakho alijabulile. Lokho kusho ukuthi kukhona okuthile okumelwe ukulungise okuqondene nomsamo wakho, ngakho ke kubalulekile ukuba uqaphele indawo okuyo nabantu abasuke bekhona kulelo phupho. Isibonelo nje: uma uphupha uphuza kuleyo ndawo kukhona nengane oyizalayo, lokho kungaba yisixwayiso sokuthi kusamelwe uyenzele umcimbi wokuyibika emsamo ngendlela efanelekile leyongane, kungaphinda futhi kube ukukukhumbuza ukuthi kusamelwe uyenzele imbeleko uma ubungakaze uyenzele ngaphambilini ikakhulukazi uma kuyingane yokuqala.

Uma uphupha uphisa utshwala kusho ukuthi maduzane uzovakashelwa ngumuntu osuka kude. Uma uphupha uphuza utshwala ebha noma endaweni yokuphuza lokho kusho ukuthi uzokwenza okuthile okuzokudalela isitha maduzane.

Incazelo yaleliphupho lokuphisa utshwala liyaya futhi ngokuthi ungubani wena ophisa lobotshwala ephusheni. Uma uphupha ukuthi uphisa utshwala ube uyindoda, lokho kungasho ukuthi maduzane nje uzovakashelwa ngumuntu okade wagcina ukumbona. Uma ungowesifazane kungasho ukuthi uyivila futhi kufanele uzame empilweni ngaphezu kwalokhu okwenzayo manje.

37 thoughts on “Amaphupho ngotshwala”

  1. Cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha wenza utshwala besizulu ekhaya, bubila, kukhona nomuntu osewadlula emhlabeni?

    Reply
  2. Ngiphuphe ngidakiwe kodwa bengize ngisho ngenhliziyo kut ngaze ngadakwa kodwa ngqondo iyasebenza ngisho ngenhliziyo

    Reply
  3. Ngiphuphe kuphuka ibhodlela lotshwala obubomvu (Richleigh) elitsheni ingabe kuchaza ukuthini…

    Reply
  4. Kusho ukuthini ukuphupha uphuza utshwala? Cider ne wine but le wine Phakathi ibi tester as le cider bekade ngiphuza and ibimnandi kakhulu

    Reply
  5. Kusho ukuthini ukuphupha umntu ongasekhoyo endiza enolaka kube kukhona utshwala besintu obuningi endlini yakhe

    Reply
  6. Ukuphupha abakhabo baba wengane bekhuleka bese bekuphuzisa utshwala besiZulu kuchazani?

    Reply
  7. Kusho ukuthin ukuphupha uphisa utshwala Kodwa ubenzela kamakhelwane umama wakhona obenzayo Kodwa bungobami

    Reply
  8. Kuchazani ukuphupha isoka lakho lize kini,lidakiwe selibhoxe odakeni ngecathulo,nilale endlini kamkhulu wami osewashona nengubo ziconselw imvula lancane?

    Reply

Leave a Reply